Iphenduke ihlaya imeya ekhiphe ingoma

Sizwe Sibiya

Kubukeka sengathi seziphelile izinsuku zokufika isikhathi sesidlule emsebenzini noma esikoleni kubantu baseThekwini, njengoba iMeya kamasipala isikhiphe i-albhamu yokukuvusa abantu ekuseni.

UMxolisi Kaunda (49) unqume ukudlulisa umyalezo wakhe entsheni ngengoma yama-piano esihloko sithi “Mtomusha”.

Ingoma ikhiqizwe yindodana yakhe efundele ubunjiniyela bemisindo.

Hhayi-ke, uma kuwukuthi uyazibuza, uKaunda kufanele abambelele emsebenzini wakhe wobumeya.

Engomeni yemizuzu engu-4:18, uKaunda uyacula – noma cha, uyakhuluma asazi- ngoba ingoma yakhe edabukisayo udalule ukuthi yenziwe ngamahora amathathu nje kuphela.

“Ifuna umuntu omusha athathe is’nqumo esisha, sithi vuka, vuka muntu omusha!” kucula iMeya kwikhorasi yengoma, weluleka intsha ukuthi ivuke isike iphethini  kwabanye abantu asebephumelele empilweni.

Imeya yethula leli culo emcimbini wokugubha iminyaka engu-85 kwasungulwa i-SABC eThekwini.

Kubukeka sengathi imeya ayizange ixhumane nomculi wama-piano ophumelele ngaphambi kokwenza ingoma, njengoba ezwakala njengenye yezinkulumo zakhe zezombusazwe noma i-alamu yewashi ecasulayo.

“Uma ufuna ukuxhumana nabantu abasha kubalulekile ukuthi usebenzise indlela elula ezofinyelela kubona,” kusho uKaunda.

“Umculo uyindlela efanele, ngoba bayawuthanda,” kusho uKaunda, ngaphambi kokuzwa noma iyiphi impendulo yomuntu omusha.

Kodwa manje isikhathi sesihambile, ingoma isiphumile futhi abantu abaningi abahlabekile umxhwele.

“Indlela bekumele ihluke, uma kuwukuthi iMeya ibifuna ukudlulisa umyalezo othile entsheni ngama-piano, maningi amaciko kulo mkhakha abengafinyelela kubantu abaningi kakhulu futhi akhiphe into enomqondo kithina,” kusho omunye ku-Facebook. .

Uzamile Mnumzane Meya, kodwa umyalezo ucacile: ungenza kangcono emsebenzini wakho wobumeya.

Izihloko zakamuva