Celani Sikhakhane
Iphenduke inhlekelele impi phakathi kwabashayeli bamatekisi nabashayeli bama-Uber e-Newcastle, KwaZulu-Natali.
Abantu abane, okuhlanganisa nabashayeli ababili nomdayisi wasemgwaqeni, badutshuliwe ngoLwesine olwedlule.
Abashayeli ababili abashonile kubalwa uNjabulo Shezi noCharles Hadebe.
Ingxabano iqale yavela phakathi kwabashayeli bama-Uber abasebenza Osizweni nabashayeli bamatekisi baseMadadeni.
Kubikwa ukuthi abashayeli bamatekisi baseMadadeni bathukuthele ngendlela abashayeli bama-Uber abasebenzisa ngayo umzila osuka Osizweni shopping Centre uya elokishini laseMadadeni.
“Abashayeli bama-Uber bebethutha abantu ngemali engu-R50 uhambo kanti amatekisi abebiza u-R11 umgibeli ngamunye ohambweni olufanayo,” kusho umthombo.
“Abashayeli bamatekisi baqala ukuvimba abashayeli bama-Uber. Uma bebona i-Uber eMadadeni bebeyimisa bashaye umshayeli bathathe imali yakhe.”
Ngesonto eledlule kwamiswa i-Datsun Go kanti umshayeli wayo kusolakala ukuthi ushaywe iqulu labahlaseli abayisishiyagalolunye abebehlome ngama-AK47. Kuthiwa abahlaseli baqashwe inkampani yonogada i-A esebenzisana nabanikazi bamatekisi baseMadadeni.
Ngemuva kokushaya umufi, la madoda amphuca u-R500.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali uColonel Nqobile Gwala, uthe abanye abashayeli bamatekisi ababili abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.
“Abasolwa batholakale e-Newcastle lapho bebecashe khona emqashweni. Ngosizo lwamaphoyisa ase-Newcastle Public Order Police kuboshwe abasolwa abayisishiyagalombili abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-39,” kusho uColonel Gwala.
Uthe abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngomhlaka-7 kuNhlolanja ukuze bafake isicelo sebheyili.
USihlalo wenhlangano yamatekisi i-South African National Taxi Concil (Santaco) e-Newcastle, uStar Khumalo unqabile ukuphawula ngalolu daba.