Iphasela mbumbulu ebeliphethwe abaphangi eposini beliqukethe izitini

Kabelo Tlhabanelo

Ngesikhathi amadoda amabili engena ePosini lase-Bainsvlei e-Bloemfontein akekho osole ukuthi banezinhloso ezingezinhle.

Phela kwazise ukuthi, babephethe ibhokisi ababezoliposa.

Into abebengayazi abasebenzi bakuleliposi ukuthi la madoda abezenza amakhasimende aphethe ‘iphasela’ okuthe kamuva kwatholakala ukuthi beligcwele izitini eziningi.

Ngemuva kwemzuzwane, abasebenzi besifazane abane bahlulwe ngamandla yilaba besilisa abagcine betshontshe imali engaphezu kwezi-R100,000.

Izindaba zokubanjwa inkunzi okwenzeke ngoLwesibili zisabalale elokishini futhi zakhathaza abahlali bakule ndawo ebebezibuza ukuthi ngabe bazozithola yini izibonelelo zabo zakwa-Sassa.

UMathabo Mapesa oneminyaka engama-37, uthe kuzoba nzima kuye nezingane zakhe ezintathu uma lokho okwenzekile kuphazamisa ukukhishwa kwezibonelelo zakwa-Sassa.

Utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Iposi eliseduze likude nalapha futhi lidinga ukuthi umuntu agibele itekisi. Anginayo imali yokukhokhela mina kanye nezingane zami etekisini. Ngifisa nje ukuthi abaphangi bangahlala kude namaposi ngoba sonke siyazi ukuthi bakhokha izibonelelo eziningi zakwa-Sassa ezigidini zabantu. Lokhu ukwebela abampofu.”

UPiet van Rooi oneminyaka engama-72 ongumhlali wakule ndawo, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Engikukhathalelayo imali yami yempesheni. Ngatshelwa ukuthi ngosuku lokuhola imali yesibonelelo, imali yami ngizoyithola iphelele.”

Okhulumela abakwa-Sassa, uMotshewa Maleka uthe: “Cha, ukubanjwa inkunzi akuthinti izibonelelo, abantu bakithi akufanele bakhathazeke.”

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele ukuqinisekisile ukubanjwa kwenkunzi wathi sekuqaliwe ukuthungathwa kwabasolwa ababili.

Umthombo ofisa ukungadalulwa uthe isamba semali eyizi-R118,000 sithathwe ngabasolwa.

“Abasebenzi bebethukile kodwa siyabonga ukuthi basaphila. Imali ibilungela ukuyothathwa ihanjiswe ebhange ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Kube nokushaqeka ukubona izitini ngaphakathi kwebhokisi ‘lepasela’ elifike nabasolwa. Ngiyethemba ukuthi bazoboshwa ngaphambi kokuthi bazame ukuphanga futhi babulale umuntu.”

Noma ngubani ongaba nemininingwane mayelana nalesi sehlakalo uyacelwa ukuba ashayele uWarrant Officer uLebohang Abram Marema ku-082 466 7255, noma aye emaphoyiseni aseduzane.

Izihloko zakamuva