
Karabo Rammutla
Owesilisa okusolakala ukuthi uyiphara udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ngemuva kwezinsolo zokuthi ungene esiteshini samaphoyisa i-Jane Furse, e-Limpopo, waphuca iphoyisa isibhamu wasabisa ngokubulala wonke umuntu ebhilidini.
Umsolwa, okusolakala ukuthi ubengumlutha we-nyaope, ubulawe esigamekweni sokudubulana esiqubuke ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo namaphoyisa.
Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (i-Ipid) uLizzy Suping uthe baphenya icala lokushona komsolwa ezandleni zamaphoyisa esiteshini samaphoyisa i-Jane Furse ngoMsombuluko ebusuku ngezithuba zabo-8 ebusuku.
“Kusolakala ukuthi umsolwa uthathe isibhamu ethangeni kwelinye lamaphoyisa ebelimatasa lenza umsebenzi we-Community Service Centre (iCSC),” usho kanje.
“Amanye amalungu ophiko lwe-CSC akwazile ukutshela ozakwabo mayelana nesigameko sokuthunjwa. Umxoxisi wokuthunjwa ungeniswe namalungu ethimba le-Tactical Response ukuze azo mvikela.
USuping uthe umufi unqabile ukuzinikela ngemuva kokuthi umxoxisi amcele ukuthi enze njalo.
“Ithimba le-tactical response lingene ehhovisi lapho umufi abedubula khona kanti amaphoyisa aye aziphindisela,” kwengeza uSuping.
Umsolwa usazodalulwa.