IOrlando Pirates izilela ukwedlula emhlabeni kwenkosikazi yesibili kaIrvin khoza

Usihlalo we-Premier Soccer League uIrvin Khoza kanye neqembu lakhe leOrlando Pirates bazilela ukudlula emhlabeni kwenkosikazi yesibili ka Khoza uMatina Elsie Khoza.

UMatina wadlula emhlabeni ngoLwesine ekuseni eneminyaka engama-69 ngemuva “ kokuphuma engena esibhedlela eminyakeni eyedlule elwisana nempilo engeyinhle,” kwasho iPirates.

Ukudlula emhlabeni kukaMatina kwethuse khakhulu kubalandeli bePirates ngemuva kokuzilela unkosikasi wokuqala kaKhoza osanda kwedlula emhlabeni maduzane.

UAusi Mantwa Khoza wendlula emhlabeni ngemuva kokugula isokhashana ngoMasingana.

UMatina ushiye emhlabeni izingane zakhe eziphilayo ezintathu kanye nabazukulu bakhe abayishumi.

Ubenezingane ezine noKhoza- uSonono, uZodwa osewedlula naye emhlabeni, uNkosana kanye noMpumi.