Inzima impilo esibhedlela esiphelelwe amanzi 

Lubhalwe nguLungani Zungu

UThandazile Mkhize osesimeni esibucayi futhi ongakwazi nokuhamba utshelwe abahlengikazi basesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, esiseThekwini ukuthi ayokha amanzi ethangini elingaphandle kwesibhedlela.

Kusukela ngoLwesihlanu, iziguli okuhlanganisa nalabo abagula kakhulu nabakhulelwe baphoqeleke ukuthi baphume emibhedeni bayokha amanzi emathangeni asemagcekeni esibhedlela.

Lokhu kubukeka kuwuhlelo olwenzeka usuku lonke njengoba abasebenzi bakaMasipala belungisa ipayipi eliqhumile eliphakela amanzi isibhedlela nezinye izindawo njengehostela eliseduze iGlebelands.

Indodakazi kaMkhize uNonhlanhla utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Angazi bebecabanga ukuthi umama uzokwazi kanjani ukuya emathangini akude newadi yakhe enenxeba emlenzeni. Okwenzeka esibhedlela kuwubulwane futhi akunanhliziyo.”

Umama wakhe oneminyaka engu-55 ubudala wangeniswa esibhedlela ngoLwezi ngemuva kokuba isimo sakhe sempilo sibe sibi.

“Kumanje nginqume ukuqasha abantu abazomthumelela amanzi nsuku zonke uma ngisemsebenzini. Ukube nginemali bengizomyisa esibhedlela esizimele,” kusho uNonhlanhla ekhathazekile.

I-Scrolla.Africa sivakashele kulesi sibhedlela ngoLwesithathu ngemuva kokukhala komphakathi ngokushoda kwamanzi esibhedlela esizinze eMlazi esingesinye sezibhedlela esikhulu KwaZulu-Natal.

Ephasejini iziguli ebezibonakala zibuthaka kanye nabesifazane abakhulelwe bebethwele amanzi ngamabhakede beya emawadini abo.

I-Scrolla.Africa sinqatshelwe ukuthi sithwebule izithombe ngaphakathi esibhedlela.

Lesi sibhedlela sinemibhede engu-1,075 futhi sihanjelwa abantu abaqhamuka kulo lonke iTheku njengaseMlazi, iSiphingo, iFolweni nakwaMakhutha.

Izinyunyana zabasebenzi ezifana ne-Nehawu kanye ne-Public Servants Association (PSA) zisabise ngokuthi zizowahoxisa amalungu azo kuze kube amanzi ayabuyiselwa esibhedlela.

Idlanzana lamalungu e-PSA libe nombhikisho ngaphandle kwesango lesibhedlela ngoLwesithathu.

Njengoba iziguli zizikhelela amanzi, iMeya yeTheku uMxolisi Kaunda, ithe kungenzeka abuye ngemuva kwezinsuku ezimbili.

Uthe abasebenzi bakaMasipala basendaweni bebelungisa ipayipi eliqhumile.

“Sizoqhubeka nokuhlinzeka isibhedlela ngamanzi sisebenzisa amathangi asemagcekeni esibhedlela kuze kube kuyalungiswa lokhu okuzothatha cishe izinsuku ezimbili,” kusho uKaunda.

Isithombe esingenhla: Owesifazane okhulelwe ubekha amanzi ethangini lesibhedlela sasePrince Mshiyeni esingenawo amanzi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva