Inyuvesi ivimbela abafundi ukufaka izinzipho nezinkophe zokufakelwa

Lubhalwe nguChinagorom Ugwu

Inyuvesi yase-Nigeria ivimbele abafundi ukuthi  bafake izinzipho zomfakela, izinkophe, izinwele zokwenziwa kanye namabhulukwe ababambayo emakilasini.

I-Godfrey Okoye University Enugu eseningizimu nempumalanga ye-Nigeria nayo ivimbele abafundi nabasebenzi ukuthi bagqoke izikhindi.

I-GO-UNI inyuvesi ezimele ephethwe amakhatholika e-Enugu.

Iphini likashansela wale nyuvesi uChristian Anieke umemezele lokhu ngesikhathi ekhuluma nabasebenzi nabafundi.

Umfundisi wezobuKristu u-Anieke uxwayise ngokuthi abaphathi ngeke bababekezelele abasebenzi noma abafundi abagqoka amabhulukwe ababambayo nezinye izinto eziveza izingxenye ezibucayi zemizimba yabo.

Uthe izenzo ezifana nalezi ziphazamisa amanye amalungu enyuvesi.

Iphini likashansela lithe izinwele ezimnyama kuphela ezizovunyelwa esikhungweni sabafundi futhi uphinde wanika abasebenzi nabafundi inyanga eyodwa ukuthi bajwayelane nemithetho emisha noma babhekane nokuqondiswa izigwegwe.

Uthe kusukela manje kuzolindeleka ukuthi abafundi bagqoke imifaniswano yabo kusukela ngoLwesibili kuya kuLwesihlanu.

Lo myalelo uvumela abafundi ukuthi bagqoke izingubo zesintu ngoLwesihlanu.

U-Anieke uphinde wavala ukushintshisana ngezithombe zocansi akuchaze njengechilo kulesi sikhungo.

Izihloko zakamuva