Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Abafundi besifazane enyuvesi yase-Nigeria baphoqeleka ukuthi bavume ukuthintwa amabele ukuze bafakazele ukuthi bagqoke obhodisi yini ngaphambi kokubhalwa kwezivivinyo.
Izishoshovu zamalungelo abantu zisabisa ngokuthathelwa izinyathelo zomthetho i-Olabisi Onabanjo University.
Abafundi besifazane enyuvesi yase-Nigeria badiniwe ngemuva kokuphoqwa ukuthi bathinte amabele ukuze bafakazele ukuthi bagqoke obhodisi ngaphambi kokubhala izivivinyo.
Ividiyo evela eNyuvesi yase-Olabisi Onabanjo e-Ogun State ikhombisa abasebenzi besifazane bethinta izifuba zabafundi emnyango wamahholo ngaphambi kokungena.
Inyuvesi ithule cwaka ngalesi sigameko, kodwa abaholi babafundi bagxume bawuvikela lo mkhuba.
UMengameli we-Students’ Union uMuizz Olatunji uthe ku-X ukuthi umgomo wokugqoka awumusha futhi uhlose ukuqinisekisa ukuthi abafundi bagqoka ngendlela ehloniphekile.
Uthe ukuhlolwa ouvimbela izingubo ezingenza abanye baphazamiseke.”
Nokho uvumile ukuthi indlela izinto ezenziwa ngayo idinga ukushintshwa ngemuva kokugxekwa.
Izishoshovu zamalungelo abantu zisabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho lesi sikhungo.
UHaruna Ayagi we-Human Rights Network utshele iBBC ukuthi ukuthinta abafundi ngaphandle kwemvume akulungile futhi kungafaka inyuvesi enkantolo.
“Ukuthinta umuntu ngaphandle kwemvume akulungile futhi kungafaka inyuvesi enkingeni,” usho kanje.
Abafundi baveze ukuthi inyuvesi inomthetho oqinile wokuziphatha yize ingesona isikhungo sezenkolo.
Inyuvesi, eyaqala njenge-Ogun State University ngo-1982, yaqanjwa kabusha owayengu-governor u-Olabisi Onabanjo ngo-2001.
Esithombeni esingenhla: Owesifazane obhala isivivinyo.
Umthombo wesithombe: Pexels