Inyuvesi ihoxise ukusebenzisana nosolwa ngokubulala

Kamogelo Olaitan

Inyuvesi yaseMpumalanga ihoxise ukusebenzisa indawo yokuhlala abafundi kaPhilemon Lukhele osolwa ngokubulala.

ULukhele (47), ungomunye wamadoda amathathu abekwe icala lokubulala uHillary Gardee, obeyindodakazi kalowo owayengunobhala-jikelele we-EFF uGodrich Gardee.

Laba bobathathu, okubalwa kubo uLawrence Mkhatshwa (39) kanye no-Albert Gama (52), babhekene namacala ayisithupha okuthumba, ukudlwengula, ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu, elokuphula umthetho kanye netulo lokubulala.

ULukhele ungumphathi ophezulu kwezocwaningo ehhovisi likaSotswebhu we-ANC eMpumalanga, uFidel Mlombo kanti uMkhatshwa uyindodana yowayengumphathi kamasipala wase-Tshwane uSmangaliso Mkhatshwa.

Encwadini yokuhoxa eya kuLukhele, umqondisi wezindaba zabafundi kule nyuvesi, uDkt Paul Maminza ubhale wathi:

“Ngokukhathazeka okukhulu inyuvesi isithole izinsolo ezibhekiswe kumnikazi wendawo yokuhlala yabafundi, i-Insika Guest House kulandela ukuboshwa nokuvela kukaPhilemon Lukhele enkantolo ngamacala abucayi ahlanganisa ukudlwengula nokubulala.”

UMaminza uthe ihhovisi lezindlu zabafundi lisebenzisana nezinye izikhungo ezigunyazwe yinyuvesi, ukuze kutholakale ukuthi indawo isakhona.

“Siyajabula ukuthi lezo zikhungo zibambisene nesigungu sabafundi. Sinikeze abafundi uhlu lwalezo zikhungo kanti lolu hlelo seluqalile. Abafundi bathuthela kwezinye izikhungo ezigunyaziwe. Kumele ngiveze ukuthi inyuvesi ithathe lesi sinqumo ngoba thina sikhathalela ukuphepha nempilo yabafundi bethu.”

Izihloko zakamuva