Inyosi engaqondakali ihlasele amaphengwini

Arthur Greene

Amaphengwini angama-63 atholakale olwandle edolobheni i-Simons, eduze kwaseKapa, ngemuva kokuhlaselwa ibutho lezinyosi ezingaziwa.

Kuvulwe uphenyo ngesikhathi kutholakala amaphengwini ngoLwesihlanu ekuseni kanti atholakale esefile okusolakala ukuthi abulawe umbutho wezinyosi.

“Ukuhlolwa kwawo kuveze ukuthi wonke amaphengwini abawatholile abenodosi lwezinyosi, futhi kutholakale izinyosi eziningi zifile lapho okufele khona amaphengwini,” kusho ithimba elibhekelela amapaki aseNingizimu Afrika (i-SABPARKS) kwisitatimende.

“Ngemuva kokuhlolwa, sithole udosi ngasemehlweni amaphengwini wonke,” kusho uDavid Roberts osebenza emtholampilo we-Veterinarian esebenzela ithimba laseNingizimu-Afrika le-Costal Birds etshela i-Guardian.

Uthe lenhlekelele ibukeka kuyinto engajwayelekile futhi abangalindele ukuthi izokwenzeka njalo.

“Amaphengwini akumele afe kanjalo nje njengoba esenkingeni yokuphela. Ayizinhlobo zezilwane ezivikelwayo” kusho uRoberts.

Amaphengwini ase-Afrika abukeka esengcupheni futhi okwamanje abonakala ephela ngokushesha.

Ukudoba ngokweqile sekuqede inani lezinhlanzi ze-sardines, okuyingxenye enkulu yokudla kwamaphengwini.

Umthombo wesithombe: @DailyMirror

Izihloko zakamuva