Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sekuqubuke amahlebezi okuthi owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma usegixabeze inyanga yakhe ngesihlalo ePhalamende likaZwelonke ukuze amele iqembu lakhe loMkhonto weSizwe (MK).
Umthombo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uDelisile Ntshaba oyinyanga kaZuma KwaZulu-Natal, ufungiswe ngoLwesibili kuleli sonto kanye namanye amalungu e-MK.
“UNtshaba ungumholi wenhlangano yabelaphi bendabuko eyeseka iqembu le-MK kanye namabandla abaholi bendabuko namaciko,” kusho umthombo. Iqembu le-MK liklomelise zonke lezo zinhlangano nabantu abakhombise ukuliseka ngezikhathi ezinzima.”
Okhulumela iqembu le-MK KwaZulu-Natal uVincent Mdunge uthe kuzomele abheke ukuthi uNtshaba uyinyanga ngempela yini.
“Ngeke ngiqinisekise noma ngiphike ukuthi uyisangoma, wengeza ngokuthi “indaba yabelaphi bendabuko namakhasimende abo yinto yangasese,” kusho uMdunge.
“Uyazi njengabantu abamnyama sinabo abelaphi bendabuko, okuwumkhuba ojwayelekile wase-Afrika,” kusho uMdunge.
Amalungu eqembu le-MK afungiswe ePhalamende ngoLwesibili ngemuva kokuduba umhlangano wokuqala, emcimbini obuwenganyelwe iNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.
Ngaleso sikhathi, iqembu le-MK lathi amalungu alo angeke ahambele umcimbi wokufungiswa ngoba iqembu limatasa lilungisa udaba lwalo oluzofakazela ukuthi ukhetho lukazwelonke lwangomhlaka-29 kuNhlaba lwaba nesandla semfene ngokuthi kukhwabaniswe amavoti.
Esithombeni esingenhla: Ilungu leqembu le-MK uDelisile Ntshaba, ongumelaphi wendabuko wowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.
Umthombo wesithombe: X