Celani Sikhakhane
Izikole mbumbulu esifundazweni sasemakhaya uMzinyathi KwaZulu-Natali seziphenduke zaba uhlelo lokwenza imali izikhulu ezikhohlakele eMnyangweni wezeMfundo.
I-ANCYL iyona ehamba phambili kuleli cala. Abaholi bayo esifundazweni bathi izikole ezintathu zaseNquthu nase-Dundee zisathola izabelomali zaminyaka yonke – yize sekuphele iminyaka zavalwa futhi azinabafundi.
Izikole zashiywa eminyakeni emibili edlule yimiphakathi eyayibalekela udlame lwezigodi.
Umkhonyovu wezikhulu zezemfundo ubandakanya ukuqasha othisha ezikoleni ezingekho, abangenzi lutho – bese babelana ngamaholo abo nezikhulu.
Lo mkhonyovu ulimaza ezinye izikole njengoba uholela ekudluliseni othisha besuka ezikoleni abasebenza kuzona beye ezikoleni ezingekho.
Okhulumela INkosi uBhambatha ANCYL esifundeni uMlamuli Molefe uthi izikhulu ziyakwazi ukuntshontsha imali ngokudlulisa othisha ezikoleni abasebenza kuzo zibayise ezikoleni ezingekho. “Ngemuva kwalokho lowo thisha uzotshelwa ukuthi athule aqhubeke nokuthola umholo wanyanga zonke ehleli ekhaya,” kusho uMolefe.
Isikole samabanga aphansi iBizanani, engaphansi kwesiphathimandla sesizwe iMbokodwebomvu, isikole samabanga aphansi iHlazakazi esigcemeni sesibili nesikole samabanga aphansi iSixobeni e-Wasbank yizikole ezisezindaweni ezikude zasemakhaya ezihlushwa izimpi zezigodi. Umnyango waphoqeleka ukuzivala ngowezi-2019 ngemuva kokuthi imindeni iphoqeleke ukuthi ithuthe ngenxa yokuxabana.
UMolefe uthe izikhulu ezihlomula ngalolu hlelo zenza imali eyengeziwe ngokuthatha imalimboleko egameni lezikole.
“Izikole nazo zizitholela isabelomali kanti kwesinye isikhathi izikhulu ezikhohlakele zifaka izicelo zemalimboleko egameni lalezi zikole,” esho. “Kubi.”
Unxuse umnyango ukuthi wenze uphenyo olunzulu futhi ubophe izikhulu ezithintekayo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnu Muzi Mahlambi uthembisile ukuthi uzozibheka lezi zinsolo, kodwa ubengakasiniki mbiko ngesikhathi kushicilelwa.