Inxusa laseMelika lichithe usuku eNdlunkulu lifunda ngamasiko kaZulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Inxusa laseMelika uMnuz Reuben Brigety lithole ithuba lokuyofunda ngamasiko kaZulu ngesikhathi livakashele iSilo uMisuzulu kaZwelithini esigodlweni kwaKhangela Amankengane ngoLwesibili.

UBrigety utshele iNdlulamithi yamakhosi ukuthi ukuza kwakhe kwaNongoma bekungukuzofunda ngamasiko kaZulu ngenxa yokuthi ubukhosi lobu budume kakhulu eNingizimu Afrika futhi bunamandla.

Uthe ukwenze lokhu elandela ezinyathelweni zabantu abaningi eMelika ababuhloniphayo ubukhosi bukaZulu okubalwa kubo usaziwayo wezingxoxo zikamabonakude u-Oprah Winfrey. 

“Ngikhuluma nawe nje iSilo bengivakashele ulwandle lwakho lwase-Sodwana Bay okuyilapho engibenesikhathi esimnandi ngibhukuda khona. Ngiphinde ngatshuza ngaphansi kwamanzi ngathatha izithombe zemvelo engiyibone ngaphansi komhlaba nenginqume ukuthi ngizozenza isipho sakho,” kusho uBrigety.

Utheleke esigodlweni ephelezelwa abehhovisi lakhe kanye noConsul General Josie Ratcliffe wehhovisi laseMelika elizinze eThekwini. 

Uthe izwe lakhe lizimisele ukusebenzisana neNdlunkulu kaZulu ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya kwezomnotho.

Kumanje iMelika inezinhlelo zezigidi zamarandi zokuthuthukisa abantu basemakhaya okungabesifazane kwezolimo.

Lolu hlelo lubizwa ngokuthi i-American Call.

Lwenziwa ngehhovisi likaConsul General Josie Ratcliffe eliseThekwini.

Kuphinde kube nezinhlelo zokulwa negciwane le ngculazi olubizwa ngokuthi i-PEPFAR.

UBrigety udlulisele kwiNdlulamithi isipho sezithombe azishuthe engaphansi kolwandle. 

NeNdlulamithi icathulise uBrigety ngamasiko aKwaZulu ehlukene, yamnikeza nesipho somdwebo oveza ukuthi abantu baKwaZulu babephila kanjani.

UBrigety uke wasusa umsindo ngonyaka owedlule ngesikhathi esola iNingizimu Afrika ngokuthi ihlinzeka i-Russia ngezikhali ukuba ihlasele i-Ukraine.

Wathi lezi zikhali zazifakwe emkhunjini i-Lady R kodwa uphenyo olwajutshwa uMengameli Cyril Ramaphosa, lwathola ukuthi umkhumbi i-Lady R wawuhambise ukudla e-Russia.

Lokhu kwasusa uthuthuva njengoba i-EFF yayithi akaxoshwe eNingizimu Afrika uBrigety. 

Kwaze kwasiza umhlangano wakhe noDkt Naledi Pandor we-ANC futhi owabe enguNgqongqoshe wezangaPhandle, nokuyilapho uMnuz Fikile Mbalula amemezela ukuthi uBrigety usexolisile.

Izihloko zakamuva