Inxusa lase-Qatar lithi ukuthandana nobulili obubodwa kulimaza ingqondo 

Inxusa elisemthethweni leNdebe yoMhlaba ezoba e-Qatar liqoshwe bukhoma kumabonakude lithi ukuthandana nobulili obubodwa “bulimaza ingqondo.”

Owayengumdlali webhola likanobhutshuzwayo manje oseyinxusa uKhalid Salman wengeze emibikweni emibi emayelana nalo mqhudelwano ngokuphawula kwakhe ngomphakathi we-LGBTQ+.

Njengoba lo mqhudelwano uthi uzokwamukela bonke abantu, i-Qatar izabalazile ukuthi isuse ukugxila emithethweni yayo yabathandana nobulili obubodwa enesijeziso seminyaka emithathu ejele.

Ngesikhathi ekhuluma kumabonakude uSalman uthe “ziningi izinto ezizofika kuleliyazwe” ngesikhathi seNdebe yoMhlaba.

“Ake sikhulume ngabathandana nobulili obubodwa. Okubaluleke kakhulu ukuthi wonke umuntu akwamukele ukuthi bayeza lapha futhi kufanele bamukele imithetho yethu,” kusho lo mlisa (60) etshela umsakazo waseJalimani i-ZDF.

Naphezu kokuthi i-Qatar ithi iziphathimandla zendawo zizoba mnene ngokwemithetho yabo yabathandana nobulili obubodwa, inxusa lizizwa ngendlela ehlukile.

USalman uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi izingane zase-Qatar zingase zibone “abathandana nobulili obubodwa” bese zifunda “into engalungile”.

Ubuzwe ukuthi kungani ukuthandana nobulili obubodwa kungavumelekile e-Qatar.

“Kulimaza ingqondo,” ephendula.

Ukuphawula kukaSalman kuza ngemuva kokuthi izikhulu eziningi zeNdebe yoMhlaba kanye nohulumeni wase-Qatar zicele ukuthi kugxilwe ebholeni hhayi kwipolitiki.

Ukuphawula kwenxusa kususe umsindo ezinhlanganweni ezilwela amalungelo abantu.

“Inkulumo kaSalman yokuthi ukuthandana nobulili obubodwa kulimaza ingqondo iyingozi futhi ayamukelekile,” kusho umcwaningi omkhulu uRasha Younes we-Human Rights Watch, kubika i-BBC.

Umdlali wasesiswini we-Bayern Munich uLeon Goretzka uphendule le nkulumo, wathi “iyacindezela” futhi “isuka enkulumweni ehlukile.”

“Akukhona lokho esifuna ukukumela nalokho esikubonisayo. Akwamukelekile neze ukwenza isitatimende esinjalo,” kusho lo mlisa waseJalimane.

INdebe yoMhlaba izoqala ngendlela engeyinhle ngomhlaka-20 kuLwezi.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: UKhalid Salman

Umthombo wesithombe: @ArgentinaFC

Izihloko zakamuva