
Dylan Bettencourt
U-Andre Groenwald, oyinxusa laseNingizimu Afrika e-Ukraine, ubalekele izwe elikhungethwe yimpi kanye nabanye ozakwabo ngoLwesithathu ekuseni.
UGroenwald ushiye leliyazwe nomkakhe namadodana abo amathathu.
“Izinto zishintshe ngokushesha emhlabeni. Njengamanxusa e-Kyiv, sivula igebe ohlwini losizo ukuze siphume siphele kuleli dolobha,” etshela i-eNCA.
Inxusa lithe belihamba nenxusa lase-Nigeria njengoba bebegwema ukudlula e-Kyiv ngenxa yezokuphepha.
UGroenwald wengeze ngokuthi bebehlose ukuya e-Moldova noma e-Romania ngesikhathi behlola ezinye izindlela.
Uthe uzwe ukuqhuma okuningi ngesikhathi epakisha izinto emotweni esehamba ngoLwesithathu ekuseni.
UGroenwald uthe yena nabasebenzi bakhe bebelokhu bezama ukulungisa indlela yokuphuma kwabantu baseNingizimu Afrika e-Ukraine kodwa abaningi babo bacwaswe ngokwebala ngesikhathi bezama ukubaleka.
“Sizizwile zonke lezi zinsolo; siwabonile amavidiyo futhi sikhathazekile. Sibhikishe ngokwezinga elisemthethweni kuhulumeni futhi sacela ukuthi asize abafundi abafuna ukuphuma,” engeza.
I-African Union (AU) ikugxekile ukucwaswa kwabantu base-Afrika emingceleni yase-Ukraine futhi inxuse uhulumeni wasekhaya ukuthi ayeke lesi senzo.
Womabili amanxusa aseNingizimu Afrika e-Poland nase-Hungary aye emngceleni eyozama ukusiza noma yibaphi abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bawele.
Khonamanjalo, ngokwabafundi baseNingizimu Afrika e-Ukraine, ibamba likamqondisi jikelele woMnyango woBudlelwano noKubambisana kwaMazwe ngaMazwe (Dirco) uClayson Monyela ukuqinisekisile ukuthi kunabafundi abangu-28 kuleliyazwe.
“Sebebonke, abafundi baseNingizimu Afrika abase-Ukraine bangu-28. U-Amb Mngomezulu uthi abayisikhombisa manje baphephile e-Poland kanti abangu-15 baphephile e-Hungary. Abane basasizwa ukuwelela e-Poland. Ababili bakude edolobheni elikude nendawo yezingxabano,” kusho yena ku-Twitter.
Umthombo wesithombe: @UNICEF