Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Iyakhula intukuthelo ngokushaywa indiva kwemidlalo yomdabu izinhlangano zezemidlalo zaseNingizimu Afrika.
Isikhalo sigxile ezigamekweni zokuthi le mifelandawonye igxile kakhulu ekubambeni iqhaza emicimbini yamazwe ngamazwe njengama-Olympics.
Lokhu kukhathazeka kuzwakale ngesikhathi kunomcimbi wemidlalo yomdabu obuseCwakeme kwaHlabisa, enyakatho neKwaZulu-Natal ngempelasonto. Abadlali bayo yonke iminyaka babonisa amakhono abo emidlalweni.
Ngo-2017, uhulumeni waseNingizimu Afrika wabambisana nesihlabani samafilimu saseMelika u-Arnold Schwarzenegger ukuze bakhuthaze imidlalo yomdabu.
Lo mqhudelwano obubanjelwe e-Sandton Convention Centre eGoli, uvumele izifundazwe ukuthi ziveze amasiko azo ngemidlalo yesintu.
UThokozani Nkosi obebambe iqhaza uthe uma imidlalo yomdabu ibekwa eqhulwini intsha eningi yasemakhaya ingamela iNingizimu Afrika emhlabeni jikelele.
“Lena imidlalo esiyithanda kakhulu futhi sikholwa ukuthi uma inganakwa ngendlela efanele, ingasibeka emazweni.
“Uma imidlalo efana nalena ibekwa eqhulwini, ngelinye ilanga singase sibe nompetha bomhlaba abalwa ngenduku kuma-Olympic Games,” kusho uNkosi obambe iqhaza kuMlabalaba.
Eminye imidlalo yomdabu ebikhona kulo mqhudelwano kubalwa ingqathu (i-rope skipping), i-dibeke (umdlalo webhola), (ukulwa ngenduku), kanjalo nomdlalo wokugijima nokugxuma, i-drie stokkies, ne-board game i-ncuva.
IMeya uComfort Khumalo we-Big Five Hlabisa izwakalise ithemba ngentuthuko yale midlalo ngoMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko.
“Imifelandawonye yethu yezemidlalo ivamise ukungayinaki le midlalo, akekho noyedwa ovela ezikhundleni zabo ofuna ukunaka imidlalo yesintu noma enze izinhlelo ezingasiza imiphakathi yasemakhaya ekuthuthukiseni amakhono kwimidlalo yomdabu,” kusho uKhumalo.
Abaphumelele emqhudelwaneni wangempelasonto bazoqhudelana ezingeni lesifunda nelesifundazwe.
Kunconywe iKwaZulu-Natal ngokwenza kahle emiqhudelwaneni yemidlalo yesintu ibhekene nezinye izifundazwe.
Lo mcimbi uhlelwe wuMnyango wezeMidlalo kuzwelonke.
Esithombeni esingenhla: Abafana baseBig Five Hlabisa bebambene ngenduku eCwakeme Sports Ground ngempelasonto.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe