Intukuthelo ngesokucwasa kweyezindiza

Dylan Bettencourt

I-Ryanair ibhekene nezinsolo zokucwasa ngokwebala ngemuva kokwenza abantu bakuleli babhale isivivinyo ngesiBhunu ukuze bagibele indiza ye-Ryanair.

Inkampani yezindiza eyaziwa ngamanani ashibhile isiqinisekisile lesi sivivinyo, yengeza ngokuthi “yiphepha elinemibuzo elula” emzamweni wokuvimbela abakuleli abanamaphasiphothi omngunyathi ukuba bagibele indiza yale nkampani.

IsiBhunu ngolunye lwezilimi ezingu-11 ezisemthethweni kuleli futhi siwulimi lwesithathu olukhulunywa kakhulu ezweni lonke.

Iphepha lesivivinyo esijwayelekile beliqukethe imibuzo engu-15, ehlola ulwazi lwekhasimende ngamadolobha akuleli, uMengameli wesizwe nokunye.

Abaningana ababhale isivivinyo bayakungabaza okuqukethwe yisivivinyo, babika ukuthi omunye wemibuzo ubuze ukuthi abantu bakuleli bashayela ngakuliphi uhlangothi lomgwaqo.

Okhulumela i-Ryanair uzame ukuchaza lesi sivivinyo ngokuthi “ngenxa yokusabalala okukhulu kwamaphasiphothi akuleli awumgunyathi, sidinga abagibeli abaya e-UK ukuthi bagcwalise uhlu lwemibuzo elula ebhalwe ngesiBhunu.

“Uma bengakwazi ukugcwalisa lolu hlu lwemibuzo, bazonqatshelwa ukuhamba futhi bazobuyiselwa imali yabo iphelele.”

Isivivinyo sesiBhunu kuthiwa sethulwe ngemuva kokuthi uhulumeni wakuleli axwayise ngokwanda komazisi bomgunyathi.

Kodwa-ke, i-Ryanair ayikwazanga ukuchaza ukuthi kungani isivivinyo singesiBhunu hhayi ngesiNgisi, okuyisona esikhulunywa kakhulu.

Omunye wakuleli obhale lesi sivivinyo uthe inkampani yezindiza ayizange iwucabangele umphumela wokusetshenziswa kolimi abantu abamnyama bakuleli ababeluthatha njengolimi lwencindezelo ngesikhathi sobandlululo.

“Impela kufana nokucwaswa ngokwebala okungaqondile,” betshele i-Financial Times.

Isikhulu esiphezulu seBhodi leziLimi zesiBhunu, uConrad Steenkamp, ukugxekile ukusetshenziswa kolimi emibuzweni yolwazi jikelele.

“Kuwumbhedo ukusebenzisa isiBhunu ukuthola ukuthi umuntu uyisakhamuzi sakuleli esisemthethweni yini. Kungcono kusetshenziswe isiZulu bese siyabona ukuthi kuzothiwani” kusho uSteenkamp etshele i-CityPress.

Isikhulu siveze ukuthi bangu-20 million abantu baseNingizimu Afrika abakhuluma noma abasiqondayo isiBhunu, okwandisa amathuba okuthi isakhamuzi singaphumeleli ukubhala isivivinyo kodwa sibe siphethe iphasiphothi esemthethweni.

Umthombo wesithombe: @Transport&Environment

Izihloko zakamuva