Intukuthelo kweyesikhumbuzo sikaNyathi

Everson Luhanga

Abadabuka eZim abebethukuthele begane unwabu bavimbe uDavid Hamadziripi, inxusa lakuleliyazwe eNingizimu Afrika ukuthi akhulume enkonzweni yesikhumbuzo ka-Elvis Nyathi owabulawa elokishini lase-Diepsloot ngeledlule.

UHamadziripi uvinjelwe ukukhuluma e-Hillbrow theatre iqembu labantu abebethukuthele ebelibuthene enkonzweni yesikhumbuzo ngaphambi kokuba isidumbu sibuyiselwe kwa-Bulawayo ukuze siyongcwatshwa ngesizotha.

Abantu base-Zimbabwe eNingizimu Afrika bathukuthelele i-Harare ngoba bathi baphoqeleka ukuthi babaleke ukuze baphephe kwezombusazwe kanye nakwezomnotho ngenxa yobunzima baleliyazwe kwezombusazwe kanye nakwezomnotho.

Umndeni ka-Elvis Nyathi uthi uyajabula ngokusekwa abakuthole kubantu base-Zimbabwe nakubantu baseNingizimu Afrika.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngoLwesine, umfowabo ka-Elvis, uGodknows Nyathi uthe umndeni ubuhlungu ngendlela umfowabo ashone ngayo.

“Inkonzo yesikhumbuzo inikeze umndeni kamfowethu nabangani ababehlangene ehholo ithuba lokuzomvalelisa okokugcina.

“Yize bekunzima, kufike abantu abaningi,” kusho uGodknows.

UNyathi ubulawe e-Diepsloot ngemuva kokuthi iqulu labantu limdonsele ngaphandle komjondolo wakhe ngesikhathi engakwazi ukukhipha umazisi. Uye washaywa, wafakwa ithayi entanyeni wase eshiswa ephila.

NgoLwesine kube nemibiko ezinkundleni zokuxhumana ethi kukhona owesilisa oboshiwe mayelana nokubulawa kuka-Elvis.

Amaphoyisa awakwazanga ukuqinisekisa lezi zindaba.

U-Elvis uzongcwatshwa ngoMgqibelo edolobheni langakubo kwa-Bulawayo.

Scrolla World Cup Quiz