Intukuthelo kudedelwa umsolwa ozivumela elokubulala nokudlwengula e-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Uthukuthele ugane unwabu umphakathi wasesigodini saseMcothama edolobheni laseCentane ngaphandle kwase-Butterworth, kulandela ukukhishwa esitokisini komsolwa okusolakala ukuthi uzivumele yena kuvidiyo ukuthi udlwengule wabulala intombazanyana yize uphenyo lusaqhubeka.

Isisulu, u-Amahle Tyityaba (14) uphume kubo ngomhlaka-8 kuNtulikazi eyovakashela isoka esigodini esingumakhelwane iNtsonyana e-Willowvale. Wagcina ukubonakala ephila ngomhlaka-9 kuNtulikazi, esendleleni ebuyela endaweni yangakubo.

Ngokusho kukamalume wakhe, uXolile Majolidini (53) umndeni waqala ukumthungatha sekudlule izinsuku engakabuyi ekhaya.

UMajolidini utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umsolwa oneminyaka engu-65 ubudala owaboshwa mayelana nokubulawa komshana wakhe ubeyingxenye yamadoda abezibophezele ukubheka u-Amahle.

“Umsolwa ucele ukuhlanganyela nathi wasinikeza imininingwane esiholele kude nesidumbu somshana wami. Ngelanga esithole ngalo isidumbu sakhe wayengakahlanganyeli nathi ukumbheka. Ngibone kungcono ngimbheke ngalapho ebelokhu esiphazamisa ngakhona, sathola isidumbu sakhe,” kusho uMajolidini.

Umalume kamufi uthe ngaleso sikhathi, kunesakhamuzi esiphawule ukuthi lo mlisa ubelokhu ebakhomba kude nale ndawo. Abaseshi bathungathe lo mlisa base beqala ukumphenya ngemibuzo waze wavuma ukuthi nguye obulale intombozanyane.

“Usitshele ukuthi wambulala kanjani, nokuthi umbulaleleni. Saqopha inkulumo ezivumela ngokwakhe sase sabiza amaphoyisa. Sibanike ubufakazi nokho wadedelwa. Yilokhu okusiphatha kabi,” kusho uMajolidini etshela i-Scrolla.Africa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Thembinkosi Kinana ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa wathi umsolwa udedelwe esitokisini samaphoyisa ngesikhathi kuqhubeka uphenyo.

“Umsolwa udedelwe kusalindwe imiphumela yolibofuzo,” esho.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Nomthetheleli Mene unxuse amalungu omphakathi ukuthi angazithatheli umthetho ngezandla.

“Umphakathi kumele ugweme ukuqagela ngaphandle kokuqinisekisa amaqiniso. Izikhathi eziningi umphakathi uzithathela umthetho ezandleni bese kungabibikho icala elibikwayo ngomuntu obesolwa,” kusho uMene.

Isishoshovu esilwela amalungelo ezingane, uMnuz Petros Majola uthe uzovakashela umphakathi ngeSonto namaphoyisa ukuze awusize uqonde izimo eziholele ekudedelweni komsolwa.

Osesithombeni: Intombazanyane ebulewe, u-Amahle Tyityaba

Isithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva