Intsha yelamakhatholika igubhe usuku lwentsha ngezwi

Lubhalwe nguZuziwe Ndokweni

Intsha engaphezulu kuka-2 500 ephuma emagatsheni ebandla i-Christian Apostolic Holy Spirit Church In Zion ihlangene eGoli ukuyobungaza ndawonye impelasonto yomhlaka-16 kuNhlangulana.

Intsha ichithe ubusuku bonke ithandaza futhi idumisa ngesikhathi imibuthano yasemini isetshenziselwa ukwabelana ngamakhono empilo kanye nokubamba iqhaza emisebenzini yokwakhana.

Lokhu kube impendulo yebandla ukulwa nesihlava sokwenyuka kobugebengu, amaqembu ezigebengu, izidakamizwa kanye nokugubha amaholidi omphakathi ayingqophamlando kuleli.

Izibalo zakamuva zobugebengu ezethulwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele zikhombisa ukuthi bangaphezu kuka-6 200 abantu ababulewe ezinsukwini ezingu-90 kuleli.

Kuphinde kwadlondlobala ukuhlaselwa kwabantu abasha emibuthanweni yokuzijabulisa njengoba kunezigameko eziningi zokudubulana ezingakaxazululeki ezindaweni zokucima ukoma ezweni lonke.

Yilokho kanye okwenze abadala bebandla banqume ukubamba ingqungquthela yentsha yaminyaka yonke ngomhlaka-16 kuNhlangulana.

Emcimbini wakulo nyaka intsha evela ezweni lonke idlale ibhola lezinyawo, elomnqakiswano yaphinde yazibandakanya ekwakheni amaqembu ngemidlalo eyahlukene yomdabu.

USihlalo wentsha waKwaZulu-Natal uMpilo Busane uthe abantu abasha abakhula benezimiso zobuKristu bayavikelela ezingeni eliphezulu lobugebengu emalokishini.

“Lezi zehlakalo zigcwele kanti izimiso ze-Inyoni (ibandla) zikhuluma ngobunye, ukuphila impilo yokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokunakekela abanye ngaso sonke isikhathi.

“Intsha iwubheka ngabomvu lo mcimbi njengoba uba ingqungquthela emnandi nefundisayo,” esho.

Esithombeni esingenhla: Amalungu ebandla i-Christian Catholic Apostolic Holy Spirit igubha impelasonto yomhlaka-16 kuNhlangulana

Izihloko zakamuva