Intsha yase-Ukraine nosizi ngemuva kwempi

Dylan Bettencourt

Amavolontiya ase-Ukraine aphendule indawo eyashawa ngamabhomu yaba indawo yokuthi abantu bajabule.

Abathandi benjabulo babonakale bejabule endaweni ebeshawa ngamabhomu kanti uDJ ubedlala ebhokisini lezinhlamvu.

I-Russia yahlasela i-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja okwamisa impilo abantu ababeyiphila esifundeni sase-Europe. Manje iqembu elizibiza ngokuthi i-RepairTogether lisebenzise leli thuba ukujabulisa abantu kule ndawo.

Bahlanganisa ukuhlanza le ndawo eyashawa ngamabhomi ngesikhathi sempi ne-Russia bayiphendule indawo yokujabula neyokucima ukoma.

Indawo ye-rave isedolobhaneni lase-Yahidne elaqhunyiswa kanzima i-Russia ngamabhomu ngoNdasa ngaphambi kokuba likhululwe amasosha ase-Ukraine esikhathini esingangenyanga kamuva.

Amavolontiya angaphezu kuka-200 abuyele kuleli dolobhana ngempelasonto ezosiza ukubuyisela le ndawo enkazimulweni yayo yakudala ngokusho kwe-Associated Press.

Izithombe zokubuya kwabo bezikhombisa intsha esikhulile idansa phezu kwemfucumfucu iphethe amafosholo ezandleni ngesikhathi uDJ edlala umculo phezu kwamabhokisi ezinhlamvu.

“Ukuzithandela kuyindlela yami yokuphila manje. Ngithanda umculo futhi ngijwayele ukwenza imicimbi. Kodwa manje sekuyisikhathi sempi futhi sifuna ukusiza kanti lokho sizokwenza ngomculo,” kusho uTania Burianova umhleli weqembu.

UBurianova uthe iqembu liyindlela yokwenza amavolontiya azizwe ejabulile.

“Sikhumbula imicimbi nezindawo zobumnandi futhi nokubuyela empilweni ejwayelekile, futhi impilo yethu ejwayelekile ifuna ukuthi sizimisele.”

Ukulungisa ndawonye indawo kuze kube manje sekuqede ukuhlanzwa kwezindawo eziyisishiyagalombili kanye nezinhlelo zokwandisa imicimbi yabo kulo lonke elase-Ukraine.

UDJ Oleksandr Buchinskiy uthe intsha yakuleli isenothando kodwa impi ibalethele ubuhlungu obukhulu.

“Bonke laba ngabantu abasha abasakuthanda ukuphila, abezwa ubuhlungu futhi badabuke kakhulu bathukuthele ngenxa yempi.”

“Kodwa bazizwa benesidingo sokubamba iqhaza kulesi sikhathi somlando futhi basize abantu. 

I-Ukraine indawo engcono enokumamatheka ebusweni babo.”

Umthombo wesithombe: @BusinessInsider

Izihloko zakamuva