Intsha yase-Limpopo izolwela ukuncintisana eziteji zobuhle zomhlaba

Moyahabo Mabeba

Bheka igama lakhe ngamalambu!

Eneminyaka eyi-14 kuphela, indlovukazi uMosa Nkwashu wase-Mahwelereng e-Limpopo usevele ulungiselela ukuyomela iNingizimu Afrika kwi-International Junior Miss 2021 e-Florida, ehlelelwe umhla zingama-30 kuLwezi e-Hyatt Regency Hotel e-Orlando.

Lo mcimbi uhlelelwe ukukhuthaza impumelelo enhle ngokusiza ukuthuthukisa nokuqinisa ukuzazi phakathi kwentsha nabesifazane abasebasha.

Imifundaze nemiklomelo inikezwa abantu abathile ngokusekelwe empumelelweni ngempelasonto yomncintiswano kanye nensizakalo unyaka wonke njengomphathi we-International Junior Miss.

UMosa uthe ngemizamo yakhe eqhubekayo yokusiza umphakathi ufuna ukukhuthaza isimo esihle entsheni kulo lonke elase-Afrika.

“Ngizobe ngyomela izwe lami. Leli yithuba elikhulu engizoliphatha enhliziyweni yami. Kunginikeza nethuba nomthwalo wokuphakamisa ifulegi lezwe lami eziteji zonobuhle,” esho.

Uthole impumelelo yakhe yokuqala ngesikhathi enqoba uMiss Valentine ka-2016 e-Curro Thatchfield High School yasePitoli.

Ngemuva kwalokho ikhabethe lakhe le-silverware laqala ukugcwala imiqhele, efana ne-Miss Centurion Schools 2018, u-Miss Gauteng Teen 2019 kanye no-Miss Supranational Grand Supreme 2019.

UMosa ubemele iNingizimu Afrika kwi-Festival Model and Talent Festival World e-Antalya, e-Turkey ngowezi-2018, lapho athola khona i-Grand Prix Supreme.

Umama wakhe uKhensani uthe uthando lukaMosa lokumodela nemincintiswano yonobuhle lwaqala esemncane.

“Ugcizelele ukuthi ngimtholele umqeqeshi osezingeni eliphezulu wokumodela. Kusukela ebuntwaneni ubethanda imincintiswano yonobuhle futhi ehamba nemfashini,” kusho uKhensani.

Izihloko zakamuva