Intsha yanamuhla icwile otshwaleni

Zukile Majova

Kuyinto eyaziwayo ukuthi intsha yakuleli inenkinga yotshwala nokudla izidakamizwa, kodwa kunezinsuku ezimbili ezibalulekile onyakeni intsha ezisebenzisa budedengu. 

Lezi zinsuku ezimbili usuku lwentsha oluba njalo ngomhlaka-16 kuNhlangulana kanye nesikhumbuzo sikazwelonke sokulwa kwabafundi base-Soweto esenzeka ngomhlaka-16 kuZibandlela izinsuku ezithathwa njengamaholidi.

Ngalezi zinsuku intsha yethu ihamba nabangani ukuyophuza iziphuzo ezidakanayo, kudliwe inyama nakho konke ongakucabanga. 

Abadayisa utshwala bakhangisa ngezipesheli zotshwala obuthandwa intsha.

Ngakho-ke namuhla umhlaka-16 kuNhlangulana sibona abantu abasha izinga labo lokungasebenzi lifinyelele ngaphezu kuka-60%, kodwa bakhetha ukuqeda usizi lwabo ematshwaleni. 

Kwesinye isikhathi baphuzela ukukhohlwa ubuhlungu besimo sabo sokuphelelwa ithemba njengoba abaningi babo sebelahle nethemba lokufuna umsebenzi.

I-Quarterly Labour Force Survey (i-QLFS) yezinyanga ezimbalwa kuqale lonyaka ikhombisa ukuthi u-63.9% wentsha eneminyaka engu-15 kuya ku-24 ayisebenzi.

“INingizimu Afrika inentsha engaphezu kuka-10 million ephakathi kweminyaka engu-15 kuya ku-24, kanti bangu-2.5 million abebebhalise e-Labour Force abanye babo bayasebenza abanye abasebenzi,” ngokusho kocwaningo.

“Cishe u-7.7 million noma u-75.1% wentsha ayisabhalisile ka-Labour Force ngenxa yokuthi isiphoxeke kakhulu futhi isiphelelwa ithemba lokufuna umsebenzi ohambisana namakhono abo noma oseduze nalapho abahlala khona.”

UMengameli uCyril Ramaphosa naye uyahluleka ukuletha amathuba omsebenzi entsheni.

Encwadini yakhe ayibhalele isizwe kuleli sonto uRamaphosa uthembise ukuqasha abantu abasha abangu-50 000 esebenzisa isiKhwama Sikazwelonke esimele iNtsha neMisebenzi Nokuqashwa Komphakathi.

“I-SEF izodala amathuba emisebenzi amasha angu-50,000 esigabeni sokuqala ngaphambi kokuba iqhubekele phambili ezigabeni ezilandelayo.”

Lo msebenzi usezindaweni ezifana nokuphepha komphakathi, amakhishi okudla, ezolimo zasemadolobheni, ukuthuthukiswa kwezingane ezincane kanye nokulwa nodlame olubhekiswe kubantu besifazane.”

Isazi sezombangazwe uFrantz Fanon wathi: “Isizukulwane ngasinye kumele sinikezwe ithuba lokuphila nethuba lokufeza amaphupho sizihlulekele sona.”

Isinqumo esathathwa ngonyaka ka-1976 esiyimpoqo esathulwa  uhulumeni wobandlululo sokufaka ulimi lesibhunu ezikoleni zasemalokishini saba negalelo elikhulu ekukhululweni kwezwe ngo-1994.

Ukuntuleka kwemisebenzi mhlawumbe kuyinto ekumele siyijwayele njengoba intsha isazama namanje ukulwela izinguquko kulesi sizukulwane samanje.

Izihloko zakamuva