Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Njengoba sekukhethwe ubuholi obuphezulu obuyisikhombisa be-ANC intsha isaqhubeka nokulwela ukumelwa ezinhlakeni zobuholi beqembu.
Uphiko lwentsha lubeke amathemba kuRonald Lamola.
ULamola (39) ubegaqele isikhundla sokuba iPhini likaMengameli. Uthole amavoti angu-315 kuphela eqhathaniswa noPaul Mashatile (61) othole amavoti angu-2,178.
Ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni uphiko lwentsha belufuna ukumelwa ngo-30% ezihlalweni ezingu-80 zekomiti eliphezulu likazwelonke.
ULamola uthe bazoqhubeka nokulwela ukumeleka kwentsha ebuholini ezingqungqutheleni ezizayo.
“Lesi bekuyisiqalo futhi siyethemba ukuthi iningi labantu abasha lizongena libe ingxenye yesibalo samalungu angu-80 aphezulu ekomitini eliphezulu likazwelonke,” esho.
ULamola uthe amalungu ayisikhombisa aphezulu ekomitini eliphezulu likazwelonke kumele agxile ekuvuseleleni nasekwakheni kabusha isithunzi seqembu.
“Eminyakeni emihlanu edlule silahlekelwe amalungu enhlangano ngenxa yezinye zezinselelo esibhekene nazo. Kumele sixhumane nabantu bakithi ukuzwa okungabenelisi.
“Ikomiti eliphezulu likazwelonke elisha lidinga ukuhamba nokukhuluma ngazwi linye ukuze lakhe kabusha iqembu.”
USihlalo wesifunda iHarry Gwala ophikweni lwentsha KwaZulu-Natal uMnu Qiniso Mnguni, uthe baphoxekile ngokuthi akekho noyedwa kwabasha oqokiwe ebuholini obuphezulu.
“Sesibeka amathemba ethu ekutheni abantu abasha baqokwe njengamalungu engeziwe,” esho.
Esithombeni esingenhla: URonald Lamola
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo