Intsha ikhwele yadilika kuFraser ngelokudla

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusuke isidumo ephalamende lentsha KwaZulu-Natal ngesikhathi intsha ikhwela idilika kuNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMbali Fraser mayelana nokungadli kwezingane zesikole esifundazweni ngenxa yenkohlakalo yethenda ka-R2 billion.

IPhalamende leNtsha belihleli eNdwedwe enyakatho yeTheku ngomhlaka-15 kuya kumhlaka-16 kuNhlangulana ukuze ikhumbule intsha yase-Soweto eyalwela inkululeko ngo-1976.

Isigaba sokuqala sombuthano ngoLwesine siphenduke isiphithiphithi ngesikhathi uNobhala we-IFP Youth Brigade KwaZulu-Natal ophinde abe ikhansela leTheku uMnu Mncedisi Nxumalo ephazamisa inkulumo kaFraser ethi akaxolise entsheni ngokwehluleka komnyango wakhe ukulungisa inkinga yokudla ezikoleni.

UNxumalo uthe kuzomele lo mbuthano uhlehle uma ehluleka ukuxolisa noma asule emsebenzini ngokushesha.

“Ngeke ukhulume nale ndlu ngemuva kwaleli hlazo olenzile. Izingane ezingaphezu kuka-5 million zibulawa indlala ezikoleni ngoba umnyango wakho awuzihambiselanga ukudla. Unikeze uManzini Zungu we-Pacina ithenda yokudla kwezikole ka-R2 billion waxosha izinkampani ezincane kulolu hlelo ngakho kumele uxolise noma wesule esikhundleni,” kusho uNxumalo.

UFraser uzamile ukuqhubeka nenkulumo yakhe ngaphandle kokuxolisa kodwa ingcindezi iye yamphoqa ukuthi agcine evumile ukuthi umnyango wakhe wehlulekile. Uthe uyayiqonda le nkinga futhi uye waxolisa ngokuntula kokudla kwezingane zesikole.

NgoLwesihlanu, i-IFP Youth Brigade eholwa uSihlalo wayo kazwelonke uMnu Sanele Zondo ibe nombhikisho emahhovisi kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomsa Dube-Ncube eMgungundlovu igcizelela ukuthi uNdunankulu kumele axoshe uNgqongqoshe wezeMfundo.

UMnyango wezeMfundo nawo ubhekene nengwadla ngabaphakeli abakhala ngokuthi abakakhokhelwa ngemuva kokuhambisa ukudla ezikoleni ngoMbasa.

Khonamanjalo, i-Pacina Retail ilwa nomnyango njengoba ifuna u-R50 million ewukweletwa uMnyango ngemuva kokuhambisa ukudla ezikoleni ngoMbasa.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo uMbali Frazer ophoqeleke ukuthi axolise ngethenda yokudla kwezikole

Umthombo wesithombe: IOL

Izihloko zakamuva