Lubhalwe i-GroundUp
Abashibiliki bama-roller skaters abancane abanekhono balethe ukukhululeka okujabulisayo e-Hammanskraal enyakatho yePitoli, ngoMgqibelo.
Umphakathi uke waba sematheni muva nje ngokuqubuka kwesifo sohudo kanti ngaphambi kokuthi uqale lo mbukiso, kuxwayiswe ababukeli ukuthi bangawaphuzi amanzi aphuma empompini. Ngemuva kwalokho kube sekuqala umbukiso oncomekayo wabashibiliki be-skating abangaphezu kuka-30 e-Hammanskraal Sports Complex.
Indikimba yombukiso ibithi “An African Celebration on Wheels”.
Iningi lababambiqhaza bekungabeqembu le-Hammanskraal roller skating, kodwa abadlali be-skaters bebeqhamuka emaqenjini ahlukene ezweni lonke.
UJoyce Mvambi oyisakhamuzi sakule ndawo ebesibukele lo mbukiso, ushayele ihlombe ikhono elikhonjiswe ngabasubathi abasebancane.
“Kuyajabulisa ukubona lezi zingane zizibonakalisa ngale ndlela. Ngiyethemba ukuthi zizokwanda izingane ezisencane zaselokishini lethu ezizodlala i-skating ngoba kubukeka sengathi umdlalo omnandi,” kusho uMvambi.
“Akuwona wonke umuntu ofuna ukudlala ibhola lezinyawo noma ibhola lomnqakiswano ngakho, kuhle ukuthi kube neminye imidlalo izingane zethu ezingabamba iqhaza kuyo.”
UWendy Gila ongumengameli we-Roller Sport South Africa okuyiyo edidiyele lolu hlelo uthe: “Amaqembu ethu asemalokishini abe yimpumelelo. Sithole ukuthi lezi zingane zizinikele futhi zifika njalo ngesonto ukuzozilolonga.”
Uthe ukufinyelela kwemishini kungenye yezinselelo zabo ezinkulu.
“Imishini ibiza kakhulu futhi sisebenza nezingane ezikhula izinyawo ngakho zikhula ngokushesha kunama-skates azo,” kusho yena.
“I-Hammanskraal iyona kuphela indawo enenkundla yokushushuluza ezinikele ezweni. Wonke amakilabhu akwezinye izindawo kufanele asebenzise izinkundla zethenisi, izinkundla ze-volleyball noma inkundla evulekile eyisicaba njengezindawo zokupaka ukuze aziqeqeshele khona.”
Esithombeni esingenhla: UKeamogetswe Masango no-Oratile Hlatshwayo bakhombisa amakhono abo
Umthombo wesithombe: GroundUp