Intsha ethukuthele ibhikishela ukuthola imisebenzi 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Intsha yaseNtambanana ekhathele ukungasebenzi nokudla imbuya ngothi  ibhikishe emasangweni enkampani i-Richards Bay Coal Terminal ngoLwesibili ifuna imisebenzi.

Bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka nombhikisho kuze kube inkampani iyabaqasha.

Ababhikishi bathi le nkampani yamalahle – eyichweba elikhulu elithumela amalahle e-Afrika – yakhiwe emhlabeni wokhokho babo, kodwa abahlomuli kuyo.

Ohamba phambili kulo mbhikisho nguThabiso Njapha osekuphele iminyaka eyishumi engasebenzi yize eneziqu ze-Electrical Engineering.

“Asiceli ukuphiwa kodwa sifuna imisebenzi ukuze sithole imali. Abaningi bethu baneziqu kodwa izinkampani ezakhwe emhlabeni wokhokho bethu azifuni ukusiqasha. Sizolwa kuze kube ziyalalelwa izimfuno zethu,” kusho uNjapha (32).

Umbhikisho awuzange uthikameze ukusebenza kulesi sikhungo.

“Sizoya khona zonke izinsuku baze bavume ukuhlala nathi bese benza uhlelo lokuthi singasebenzisana kanjani. Esikucelayo imisebenzi futhi lokhu sizokwenza ngendlela ehlelekile,” kusho uMxolisi Thabethe (34).

Umholi wendawo uMusa Cebekhulu uthe: “Intsha isiphelelwa isineke manje. Batshelwa ukuthi baye esikoleni ukuze bakwazi ukuthuthukisa izimpilo zabo. Bakwenzile lokho, kodwa noma kunjalo izinkampani azibaqashi.”

Yonke imizamo yokufinyelela kwi-Richards Bay Coal Terminal ayiphumelelanga.

Esithombeni esingenhla: Idlanzana lababhikishi ngaphandle kwase-Richards Bay Coal Terminal

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva