Intombazanyane eneminyaka eyishumi nanye yondla izingane eziswele e-Alex

Everson Luhanga

UBonolo Moahludi uneminyaka eyi-11 kuphela kodwa ngaphandle kwakhe, ngabe izingane eziningi zase-Alex ziyalamba. 

Usebenzisa imali encane umama wakhe amnika yona ukupheka isobho ondle izingane ezilambile emphakathini wangakubo e-Alexandra, eGoli.

Noma nini uma eya esikoleni ephethe isikhaftini sakhe sokudla kwasemini, inhliziyo yakhe yayiba muncu uma ebona ezinye izingane zifika ekilasini zingadlile. Abanye baze bahluleka ngisho nokuya esikoleni ngoba bengenakho abangakudla usuku lonke.

UBonolo, umfundi webanga lesithupha e-Dr Knak Primary School, uthe njengoba kusebusika nje ubengasakwazi ukubekezela ukubona lokhu. Ngakho-ke watshela umama wakhe uTebogo Moahludi ukuthi ufuna ukusebenzisa imali yakhe yasemini yenyanga yonke ukuthenga izithako zesobho ukondla izingane ezilambile endaweni yangakubo.

Uthe ngale mithetho ekhona manje ye-Covid-19, evimbela abafundi ukuthi baye ezikoleni nsuku zonke, izinto elokishini lakhe bezinzima ezinganeni eziningi. “Uyababona ebusweni babo ukuthi balambile.

“Akukhathalekile ukuthi isikhathi sini sosuku, ezinye izingane engizaziyo zihlala zibukeka zilambile, futhi uma ngizibuza, zingitshela izindaba ezibuhlungu zokuthi azidlanga lutho.”

Uthe ugqugquzelwa yilezi zingane futhi uthembise ukuziphekela sonke isikhathi sasebusika.

Unina kaBonolo, uTeboho Moahludi, uthe wamangala ngesikhathi indodakazi yakhe imtshela ukuthi ihlelani.

“Kodwa ngibe sengibona ukuthi uzimisele futhi wayengafuni ukusuka kimi engayitholi impendulo enguyebo.

“Ngakho-ke ngavuma ukumnika ama-R300 nyangazonke wabe esehamba ngenjabulo eyothenga konke akudingayo komsebenzi wakhe,” kusho uTeboho.

Lo mama oneminyaka engama-54 uthe indodakazi yakhe yokugcina iyakuthanda ukwabelana nabanye. Angeke adle ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu udle kuqala.

“Yonke ingane inelungelo lokuthola ukudla nemfundo enhle. Futhi uBonolo ubasiza ukufeza lokho,” kusho umama wezingane ezintathu.

Kodwa manje badinga usizo lomphakathi

UTeboho uthe uma izinsizakusebenza seziphelile ngeke akwazi ukuxhasa enye inqwaba yesobho.

Ngakho-ke ucela iminikelo evela emphakathini ukusiza ukufeza isifiso sendodakazi yakhe ukubona yonke ingane ese-Alex ithola ukudla okushisayo kulobu busika.

Izihloko zakamuva