
Dylan Bettencourt
Intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalolunye yase-Ukraine uSasha iphuke ingalo ngemuva kokuthi amasosha ase-Russia edubule umndeni wayo ngesikhathi bezama ukubalekela impi enhlokodolobha i-Kyiv.
Odokotela abahlinzayo baye baphoqeleka ukuthi bamnqume ingalo ngemuva kokudutshulwa. Uyise akazange abe nenhlanhla kangako, uye wabulawa kulokho kuhlasela.
Ekanye noyise, uSasha ubezama ukubaleka endaweni yase-Hostomel nonina nodadewabo ngesikhathi imoto yabo idutshulwa ngamasosha ase-Russia.
Ngemuva kokudutshulwa, uSasha usinde ngokucasha endaweni engaphansi izinsuku ezimbili ngaphambi kokuthi amavolontiya amthwale amyise esibhedlela esiseduze, ephephezelisa ifulegi elimhlophe.
“Angazi ukuthi kungani amasosha ase-Russia engidubulile. Ngiyethemba ukuthi kube yiphutha futhi ebengaqondile ukungilimaza,” kusho uSasha esembhedeni wakhe wasesibhedlela.
Amasosha ase-Russia ahlasele kabuhlungu ezindaweni eziningi e-Kyiv kuleli sonto emzamweni wokuqeda amasosha ase-Ukraine nokuthi athathe inhlokodolobha.
UDkt Gennadiy Druzenko wasesibhedlela i-First Volunteer Mobile uthe uSasha ungomunye wezingane ezifika nsuku zonke zilimele ngenxa yempi.
“Ungomunye wezingane ezilimele kabi. Bonke bashonelwe okungenani umzali oyedwa,” kusho udokotela etshela i-MailOnline.
USasha ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa eqeda iminyaka eyisishiyagalolunye ngomhlaka-24 kuNhlolanja, ngosuku i-Russia ehlasele ngalo izwe lakhe. Akufunayo manje ukuthi ingalo yakhe entsha ibenombala obomvana futhi ihlotshiswe ngezimbali.
Umhlengikazi owelapha uSasha umncome ngokuba namandla ngendlela emangalisayo ngesikhathi esinzima.
“Ubuze ukuthi uzosinda yini nokuthi angayithola yini ingalo entsha efakelwe ebomvana ehlotshiswe ngezimbali,” kusho umhlengikazi.
“Unamandla impela. Akakhali ngoba uyazi ukuthi kukhala abantu ababuthaka kuphela,” kusho umhlengikazi.
Izakhamizi ziyahlaselwa kusukela ngosuku i-Russia eqale ngalo ukuhlasela futhi usuku nosuku izakhamizi eziningi ezingenacala zilahlekelwa izimpilo zazo ezandleni zamasosha ahlomile.
Ihhovisi lommelijikelele wase-Ukraine ngeSonto likuqinisekisile ukuthi zingu-85 izingane ezibulewe selokhu kuqale ukuhlasela.
Umthombo wesithombe: @DailyMail