Everson Luhanga
Kuphinde kwavela ezinye izinto ezishaqisayo ngesikhathi lo wesilisa obizwa ngokuthi “Isilwane sase-Tembisa” evele usuku lwesibili eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesibili.
Esinye sezisulu zakhe yintombazane esencane ngeminyaka.
Itshele inkantolo ukuthi wagwazwa futhi wadlwengulwa kanjani yindoda e-Ivory Park – ngomhla zingama-27 kuMandulo ngowezi-2015 – ngesikhathi eneminyaka eyi-15 nje kuphela.
Le ntombazanyana ebukeka inesibindi ayizange iwangwinye amazwi ayo ngenkathi ichaza okwenzekile ngobusuku obuthusayo.
Itshele inkantolo ukuthi wayesendleleni ebuyela ekhaya ngesikhathi umsolwa uGift Mkhwanazi eza kuyo.
“Wangimisa ngesikhathi engikhombe ngommese. Ngizamile ukumbalekela kodwa wangigwaza kaningi,” ekhumbula.
Le ntombazanyana ithi uMkhwanazi wafuna zonke izimpahla zayo – okuyimali, umakhalekhukhwini, ukhilimu wobuso, izibuko zelanga nomgexo wayo wegolide.
Ngemuva kokuthatha konke kuyena, uthe uMkhwanazi wamphoqa ukuthi amlandele aye esigangeni esivulekile. Ube esemdlwengula ngenkathi emsabisa ngommese.
Akuyona yodwa le lentombazanyane ewufakazi ecaleni likaMkhwanazi.
Abanye besifazane abasebasha ababili baxoxa izindaba ezifanayo zokuthi bahlaselwa kanjani futhi badlwengulwa kanjani yile ndoda.
Abesifazane abethule ubufakazi ngoMsombuluko batshele inkantolo ukuthi uMkhwanazi uthathe izimpahla zabo ngaphambi kokubadlwengula bobabili ebakhombe ngesibhamu.
Icala lizoqhubeka ngoLwesithathu.