Intombazanyana (8) idlwengulwe yakhuleliswa isihlobo

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Intombazanyana (8) yase-Zimbabwe e-Tsholotsho e-Matabeleland North idlwengulwe yakhuleliswa isihlobo sayo.

Njengamanje intombazanyana inezinyanga eziyisishiyagalombili ikhulelwe futhi ingeniswe esibhedlela i-United Bulawayo.

Kusolakala ukuthi le ntombazanyana idlwengulwe isihlobo esiseduze kanti manje isingaphansi kochwepheshe abaqaphe impilo yayo.

Isikhulu esiphezulu esibambile kulesi sibhedlela uDkt Harrison Rambanapasi, ukuqinisekisile ukuthi intombazanyana ingeniswe kulesi sibhedlela nokuthi igadiwe, kodwa ngenxa yesimo sayo esibucayi, impilo kanye neminyaka yakhe, uthe ngeke akwazi ukudalula eminye imininingwane.

Udokotela obhekelele ukubelethisa nezifo zabesifazane uDkt Ishmael Mhonde, uthe lesi simo esingajwayelekile sidalwe yisifo esaziwa nge-precocious puberty okusho ukuthi ama-hormone akhe akhule ngaphambi kwesikhathi kunawontanga bakhe.

“Lesi isimo esiyivelakancane futhi kuhle ukuthi useqashwe ngeso lokhozi njengoba indlela yokubeletha, isitho sangasese sowesifazane noma ukuhlinzwa kuzomhlukumeza kakhulu njengoba esemncane. Ukukhulelwa kwakhe kungaba nganoma iyiphi indlela futhi kuyathusa ukuthi ukwaze ukuthwala ingane kuze kube manje,” esho.

Umsekeli kaKhomishana wamaPhoyisa uPaul Nyathi uthe okwamanje kusacutshungulwa ukuthi ingane ihlukunyezwe kanjani. UMnyango wezeNhlalakahle nawo uyingxenye yalolu phenyo.

I-Zimbabwe ibhekene nenkinga yokukhulelwa kwezingane kanye nemishado eyenziwa emabandleni athile enkolo yobuphostoli abelethisa izingane emakhaya ngoba ebalekelwa ukuboshwa.

Kwesinye isigameko sangoNtulikazi, ingane (14) itholwe isishonile ethempelini e-Mutare, esifundazweni sase-Manicaland ngemuva kokuthi abazali bayo beyishiye kule ndawo ukuze ikhulekelwe ngemuva kokuthi ikhale ngezinhlungu zomhelo.

Abazali bakhe baboshiwe futhi manje bagcinwe esitokisini.

Isithombe esingenhla: Ingane ekhulelwe eshonele ebandleni

Umthombo wesithombe: Newsflash

Izihloko zakamuva