
Arthur Greene
Izingane kanye nabesifazane abakhulelwe kudingeke ukuthi bakhishwe emfucumfucwini ngemuva kokuthi izindiza zempi zase-Russia zicekele phansi isibhedlela sokubeletha edolobheni elivinjezelwe i-Mariupol, e-Ukraine ngoLwesine.
Abantu abathathu, okubalwa kubo nentombazanyana eneminyaka eyisithupha ubudala, bashonile kwathi abanye abangu-17 balimala ngesikhathi isibhedlela sishaywa amabhomu ase-Russia abeqhuma amahlandla amaningi.
Iningi leziguli zasesibhedlela zisindile, ngemuva kokuyalelwa ukuthi zifune indawo yokukhosela imizuzu nje ngaphambi kokuthi kwenzeke isibhicongo. Omunye wesifazane kuthiwa uye wabelethela khona lapho ngesikhathi ibhilidi elingaphezu kwakhe liwa.
Ngemuva kwalokho kuthwetshulwe abesifazane abakhulelwe bethwelwe ngohlaka phezu kwemfucumfucu egcwele igceke lesibhedlela kanti abanye kuthiwa bebevaleleke ngaphansi kwayo.
UNgqongqoshe wezangaphandle wase-Russia uSergei Lavrov uthe bebengekho abesifazane abakhulelwe noma izingane esibhedlela ngesikhathi kuqhunyiswa ibhomu. Uthe esikhundleni salokho bekugcwele “amasosha” ase-Ukraine.
“Basihlasela kanjani isibhedlela sezingane newadi lababelethayo. Senzeni enhlanganweni yase-Russia? Kanti yinj inkinga yaleli zwe neNhlangano yalo yase-Russia, njengoba icekela phansi izibhedlela namagumbi okubeletha?” kusho uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskiy ku-Telegram.
“Kucekeleke phansi izibhedlela nezikole. Amasonto nezakhiwo ezijwayelekile zicekelwa phansi. Abantu bayabulawa. Izingane ziyabulawa. Ukuqhunyiswa kwamabhomu esibhedlela sezingane kuwubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi ukubulawa kwabantu base-Ukraine kuyenzeka.”
I-Mariupol isalokhu ihlaselwa ngamasosha ase-Russia, azungeze leli dolobha.
I-International Committee of the Red Cross ithe abantu abangu-200,000 bakuleli dolobha baphelelwa ukudla namanzi ngendlela eyingozi, futhi kudingeka ukuthi babhekane nezimo ezibandayo ezingenagesi noma ukufudumala.
Amavolontiya e-ICRC atshele i-BBC ukuthi abantu sebeqalile ukulwela ukudla futhi izitolo zedolobha namakhemisi ziphangwe ngokuphelele.
Sekuvele izithombe zamathuna amaningi angamamitha angu-25 ubude ambiwayo, njengoba isekela lemeya ledolobha, uSerhiy Orlov, ebika ukuthi sekuqoqwe izidumbu ezingu-1,207 ezitaladini.