Intombazane enesibindi yaphoqeleka ukuba iye ocansini nomngani wesilisa

Doreen Mokgolo

(Isexwayiso: le ndatshana iqukethe izincazelo ezinobudlova)

Ulwazi olwesabekayo oluphenywa ngamaphoyisa, lukhombisa ukuthi intombazane eyadubula yabulala umhlaseli wayo, yaqala yaphoqeleka ukuba iye ocansini nomngani wayo wesilisa.

Indaba yashicilelwa okokuqala ngabakwa-Scrolla.Africa mhla ziyi-8 kuNdasa.

UKaputeni uEddie Boboko, okhulumela amaphoyisa ase-West Rand uthe bakwazile ukuthola ukuthi isisulu esivela e-Wedela e-West Rand saphoqeleka ukuba siye ocansini nomngani waso wesilisa.

“Indoda yabophela umngani wesilisa esihlahleni yayalela intombazane ukuthi ikhumule. Uqhubekile wamdlwengula kodwa wakhala ngokuthi isitho sakhe sangasese sincane kakhulu ukuthi angamdlwengula. Ube eseyalela lo mngani wesilisa ukuba aye ocansini nesisulu ngenkathi yena ebukela.”

Isisulu sesilisa esithukile asivukelwanga kanti umdlwenguli obethukuthele egane unwabu wamxosha umfana, kuthiwa washo ukuthi ngaphambi kokuthi ashintshe umqondo ababulale bobabili ngokumchithela isikhathi.

UBoboko wengeze ukuthi umdlwenguli uqhubekile waphoqa ukudlwengula intombazanyana eneminyaka eyi-15.

Kungalesi sikhathi lapho le ntombazane eyathola khona ithuba lokuthatha isibhamu salo mlisa yamdubula enxenyeni engenhla yomzimba.

Umdlwenguli oshonile akaziwa namanje. Ulinganiselwa eminyakeni engama-25 kuya kwengama-30 ubudala. Umufi ubebhekene necala lokudlwengula kanti ukuthi ungubani kudinga uphenyo.

“Okwamanje isisulu sithola usizo lwezempilo futhi sizokwelulekwa ngokwengqondo ngokushesha uma sesiphumile,” esho.

Izihloko zakamuva