Intombazane enesibindi isebenzise isibhamu somdlwenguli ukumbulala

Doreen Mokgolo

Intombazane eyiqhawe eneminyaka eyi-15 ubudala isebenzise isibhamu somdlwenguli ukuzivikela, yamdubula ekhanda.

Le ntombazana kuthiwa idonselwe esigangeni esivulekile ngase-Wedela e-West Rand yile ndoda ebihlomile, emphoqe ukuba akhumule bese yamhlasela.

“Ngesikhathi umsolwa ematasa emdlwengula, ukwazile ukuzilwelwa ngokuthatha isibhamu adubule umsolwa ekhanda,” kusho uKaputeni u-Eddie Boboko, okhulumela amaphoyisa ase-West Rand District.

“Ube esekwazi ukubaleka abuyele ekhaya ayofuna usizo kunina kanti namaphoyisa abizelwe endaweni yesehlakalo.”

Umsolwa, olinganiselwa eminyakeni engama-25 kuya kwengama-30 ubudala, ushone ngenxa yokulimala kwakhe endaweni yesigameko. Isibhamu besingekho kanti amaphoyisa asasifuna.

UBoboko wengeze ngokuthi umufi ubebhekene necala lokudlwengula kanti uphenyo luvuliwe.

“Isisulu sizothola ukwelulekwa ngokwengqondo,” esho engeza.

Picture source: India Today