Intombazane (17) phakathi kwabashonile eNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Isisulu esincane sesigameko sakamuva sokudutshulwa kwabantu abaningi eNelson Mandela Bay intombazane eneminyaka engu-17 ubudala ebiphakathi kwalabo abadutshulwe komunye umuzi umphakathi owuchaza ngokuthi “indawo yezidakamizwa”.

USivenathi Mxaku udutshulwe washona kanye nezisulu zabesilisa abahlanu ngesikhathi izinkabi ezintathu zivulela ngenhlamvu endaweni eselokishini laKwanobuhle. Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe kuphinde kwalimala amadoda amane nowesifazane oyedwa.

Amaphoyisa athi ngezithuba zabo-7:30 ebusuku imoto ime phambi komuzi oku-Mdledle Street.

Kuthiwa abesilisa abathathu baphume emotweni bephethe izibhamu bavulela ngenhlamvu bebhekise kuMxaku nomngani wakhe obemi ngasesangweni ngaleso sikhathi.

Ugogo wakhe uNosiseko Thube (78) umchaze njengengane ethule engakaze imkhathaze.

“Ngigcine ukumbona ekuseni ngesikhathi ngiya emngcwabeni emzini ongumakhelwane nomuzi adutshulwe kuwo,” kusho uThube etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngithe aye ekhaya ayodla. Ngesikhathi ngifika ekhaya ngibuya emngcwabeni ngitshelwe ukuthi ufikile ekhaya njengoba bengimtshelile. Bekungokokugcina ebonwa yinoma ngubani kithi.”

UMxaku nguyena omcane futhi nguyena yedwa owesifazane. Kuthiwa wayeka isikole kodwa ubehlele ukuphindela ngonyaka ozayo – ngesikhathi eshona kungazelelwe.

Ngokusho kwamaphoyisa umnikazi womuzi ubengekho ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

“Kuxoxwe nomnikazi womuzi naye otshele ithimba lethu ukuthi usuke emzini wakhe ehamba nomfowabo bayothenga ukudla. Ushiye abantu bebhema emjondolo ongemuva kwendlu enkulu,” kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa athi imbangela yokudubula ibingakaziwa okwamanje kodwa anxusa

amalungu omphakathi ukuthi aphumele obala ngolwazi abangaba nalo.

Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sifika lapho okwenzeke khona lesi sigameko abaholi bomphakathi baye bamemezela izakhamizi ukuthi zihlangane ukuze kube nomhlangano.

Kodwa-ke, izakhamizi bezisaba ukukhuluma; ziye zahamba zabuyela ezindlini zazo.

Ilungu lomphakathi elikhulume ne-Scrolla.Africa elingathandanga ukudalulwa igama lithe akekho ozophumela obala ngoba basaba umnikazi womuzi okwenzeke kuwo lesi sigameko.

“Abantu balapha bayamesaba. Uboleka iningi labantu abadala balapha imali futhi unikeza abancane izidakamizwa ukuthi babheme.

“Noma ngabe bakhona abafuna ukuphumela obala ngolwazi ngeke bakwenze lokho ngoba akekho owaziyo ukuthi ubani ozoya ayomtshela,” esho.

NgoMasingana kushone abantu abayisishiyagalombili ngesikhathi izinkabi ezimbili zivulela ngenhlamvu emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa elokishini laKwazakhele eNelson Mandela Bay.

Esithombeni esingenhla: Umuzi lapho okwenzeke khona isigameko sokudubula

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva