Intombazana eneminyaka eyi-15 iboshelwe ukuthumba abangani bayo

Uneminyaka eyi-15 kuphela futhi uboshelwe izinsolo zokudayisa abangani bakhe ababili ukuze babe yizigqila zocansi.

Amaphoyisa ase-Free State abophe le ntombazane kanti izovela enkantolo mhla zi-7 kuZibandlela ngamacala okushushumbisa abantu nokuthumba. Kusolwa ukuthi ubesebenza nabanye abehamba nabo abasaqhubeka nokubaleka.

Intombazane eboshiwe kanye nabangane bayo ababili banyamalala emzini osePhuthaditjhaba e-Free State mhla zingama-20 kuLwezi.

Amantombazane amabili atholwe e-Sasolburg mhla zi-2 kuZibandlela – kwathi eyesithathu yaboshwa.

Kusolwa ukuthi wahlela ukuthumba ngenhloso yokufuna imali.

Omunye wabomama bamantombazane athunjiwe utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi, indodakazi yakhe ibigcinwe endlini futhi idlwengulwa ngokuphindelelwa.

“Wafakelwa izidakamizwa ngomunye wabafundi afunda nabo ngaphambi kokuba yena nenye intombazane bathathwe ngemoto bayiswa e-Sasolburg. Indodakazi yami yatshelwa ukuthi bazoyigcina iphephile kodwa kunalokho ibiphila ngekota kuphela ngalezo nsuku ebezinzima,” kusho umama.

“Kungiphatha kabi ukwazi ukuthi angikwazanga ukuhlenga indodakazi yami. Ngifuna ubulungiswa kuye nakubo bonke abanye abahlukumezekile.”

Le ntombazane ithe kunamanye amantombazane, kubalwa nenye evela e-Lesotho, kuleyo ndlu eyethusayo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo uthe, la mantombazane amabili athunjiwe alethwa emakhaya ngemuva kokutholakala eduzane nendawo yokucima ukoma e-Sasolburg ngemuva kwezinsolo zokuthi asetshenziselwa ukudayisa ngomzimba. Amaphoyisa athe la mantombazane amabili azosizwa ngosizo lwezempilo

Izihloko zakamuva