Intimbothi ezokushona kwemeya

Everson Luhanga

Izinkundla zokuxhumana zisabalalise intimbothi kabili esikhathini esifishane mayelana nezindaba zokuthi lowo owayeyiMeya yaseGoli uMpho Moerane akasekho emhlabeni.

Umndeni ne-ANC bayigxekile lemibiko eyintimbothi.

Ubuholi be-ANC buwuhlabe ngokushesha lo mbiko esithangamini sabezindaba ngaphandle kwasesibhedlela sase-Milpark, lapho uMoerane alaliswe khona.

UMoerane ubandakanyeke engozini yemoto enyantisa igazi ngeledlule.

NgeSonto umndeni ugxeke kakhulu abantu abasabalalisa izindaba ezingamanga ngokushona kwakhe.

“Umndeni kaMpho Moerane uyigxeka kakhulu imibiko engenabo ubuntu nengamanga esabalale ngokushona kwakhe. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi uMoerane akashonile. Usesibhedlela futhi uyalulama,” basho kanje esitatimendeni.

Okhulumela umndeni uMike Maile unxuse labo abasabalalisa izindaba ezingamanga ezimemezela ukuthi ushonile ukuthi bapheze lo mkhuba, ngoba izenzo zabo zilimaza umndeni, abangani nozakwabo bakaMoerane.

“Abantu akumele bazehlise ngale ndlela emizamweni yabo yokuqhubekisela phambili noma iyiphi i-ajenda abayiqhubayo. Labo abagqugquzela ukusabalala kwezindaba ezingamanga bangabantu abangenazinhliziyo abazimisele ngokubangela ubuhlungu obungacabangeki emndenini, ogxile kuyo yonke imizamo yawo yokusebenzisana nochwepheshe bezokwelapha ukuthi kulashwe uMoerane ukuze abuyele empilweni ekahle,” kusho uMaile.

Okhulumela i-African National Congress (i-ANC) uPule Mabe utshele abezindaba ukuthi uMoerane uyalulama esibhedlela.

Izihloko zakamuva