Intimbothi eyokuxhasa kweTottenham-Umnyango

Lubhalwe nguMichael Madyira

UMnyango wezokuVakasha wakuleli uyayiphika imibiko ethi kunezinhlelo zokuxhasa iqembu le-Premier League i-Tottenham Hotspur.

UNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu useziqhelelanisile nezinsolo zokuthi uzonikela ngo-R1 billion eqenjini le-Tottenham.

Umbiko we-Daily Maverick udalule ukuthi elakuleli lihlela ukusayina uxhaso luka-R1 billion ne-Spurs okususe umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana namaqembu aphikisayo.

Ekhuluma ngamaphepha aboniwe, uthe uhulumeni esebenzisa inkampani yakhe yezokukhangisa i-SA Tourism ulungiselela isiphakamiso sokwenza amajezi ezemidlalo e-Premier League iminyaka emithathu.

Iphephandaba i-Daily Maverick liveze ukuthi imithombo ibazise ukuthi uSisulu uyafisa isivumelwano sidlule ngaphambi kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa enze izinguquko kwiKhabhinethi.

Izinhlelo bekungukuthi uxhaso beluzomenyezelwa nguRamaphosa ngesikhathi ethula inkulumo echaza isimo sezwemhla ziyishumi kuNhlolanja.

Isivumelwano ne-Spurs besihloselwe ukuthuthukisa elakuleli njengendawo ehamba phambili yezivakashi ngendlela i-Rwanda esebenzisana ngayo ne-Arsenal ne-Paris Saint-Germain noma uxhaso luka-Abu Dhabi lwe-Manchester City.

Kodwa uMnyango wezokuVakasha ukuphikisile konke lokho, wathi uSisulu uzokwaziswa i-SA Tourism ngemininingwane mayelana nesivumelwano soxhaso esihlongozwayo.

“Lesi sivumelwano esibikiwe siwudaba lwebhodi le-SAT (SA Tourism) uNgqongqoshe uSisulu akazange aziswe ngokusemthethweni ibhodi,” kusho uMnyango wezokuVakasha esitatimendeni.

“Njengamanye amabhodi, ibhodi le-SAT lizimele futhi uNgqongqoshe uSisulu akagxambukeli ezinqumweni zalo. Empeleni isiphakamiso se-SAT esokuphetha i-Memorandum of Understanding (MOU) ne-Tottenham Hotspur Football Club.”

Abantu bakuleli bacasulwe uxhaso oluhlongozwayo lwe-Spurs, abanye bathi lokhu akulungile ezweni elibhekene nenqwaba yezinselelo zomnotho nezenhlalo.

Iqembu eliphikisayo, i-Democratic Alliance, lichaze lolu hlelo njengento engeyinhle futhi lokhu kukhombisa ukuxhaphaza abantu bakuleli abakhokha intela abayisebenzele kanzima.”

Isithombe esingenhla: Inkundla ye-Tottenham Hotspur

Umthombo wesithombe: Tottenham Hotspur

Izihloko zakamuva