Intela ngemishini yokudlala esezitolo

Dylan Bettencourt

Iziphathimandla zentela zase-Italy zethule ukuthi sekuzokhokhwa intela kulaba abagembulayo kuma-table football.

Kwamanye amazwe ukugembula ohulumeni bakuthatha njengokudlala imishini nje. 

“Abanikazi abasoze bakhokha intela ngemali encane abayithola kule midlalo futhi iyabasiza” kusho uPaola Binetti osebenza ngaphansi kukahulumeni obegxeka lesi sinyathelo ePhalamende.

Ilungu lePhalemende lichaze ukuthi abanikazi ababili bendawo yokucima ukoma engasolwandle bahlawuliswe imali elinganiselwa ku-R67 000 ngamaphoyisa ngokungabi nazo izimvume zokusingatha i-table football. 

“Kungamampunge lawa akekho umuntu ogembulayo kuma-table football, le mishini ithandwa izingane ezidlala lo mdlalo njengabagembuli abaqinile base-Las Vegas,” kusho uBinetti ngokusho kwe-The Times.

I-table football iheha kakhulu izingane ngesikhathi samaholidi asehlobo. Bachitha amahora ngemuva komshini becabanga ukuthi basenkundleni yebhola lezinyawo langempela.

Njengoba sekuzokhokhwa intela ngalo mshini wokuzilibazisa kungashintsha konke lokho.

“I-table football umshini wezingane wakudala eziwusebenzisa uma zizilibazisa, futhi kufanele zikhuthazwe ngalokhu ngoba zifunda enye indlela yokugembula,” kusho uBinetti.

UFabrizio Locordari umphathi wendawo yokucima ukoma esolwandle i-Assobalneari uthe abanikazi bezitolo eziningi balahle lo mshini ukuze bagweme ukukhokha intela. 

Imishini ye-Pinball nayo iyingxenye yemithetho emisha yentela.

“Kuyashaqisa,” kusho uLocordari. 

“Ngikhule ngidlala i-table football ehholo lesifunda sangakithi kanye nasolwandle njengoba kwenza izinkulungwane zabantu abahlala e-Italy futhi manje izikhulu sezithathe lobo bumnandi ezinganeni.”

Umthombo wesithombe: @TheTimes

Izihloko zakamuva