Lubhalwe nguPalesa Matlala
UNonkululeko Manule namadoda amane bavele enkantolo yaseKempton Park ngemuva kokuba amaphoyisa ebamise esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngoLwesihlanu.
Oklebe bathi uMantule usize ukuhlela uhambo lwamadoda okuthiwa athathelwe ukuyolwela e-Russia, kanti kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye.
Abasolwa abahlanu babhekene nengwadla ngemuva kokuthi amaphoyisa ebasole ngokusiza ekuthatheni abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balwe empini ephakathi kwe-Russia ne-Ukraine.
Iqembu livele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoMsombuluko.
Phakathi kwabo kukhona umsakazi weSAfm uNonkululeko Manule (39) osolwa ngokudlala indima enkulu kulo msakazo.
Abasolwa ngoThulani Mazibuko (24), uXolani Ntuli, (47), uSiphamandla Tshabalala (23) noSfiso Mabena (21).
Amaphoyisa abophe abane kubo ngoLwesihlanu esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International.
UMantule uboshwe ngeSonto.
Amaphoyisa athi leli qembu bese kusele imizuzu embalwa ukuthi ligibele indiza ebheke e-Russia ezodlula e-United Arab Emirates ngesikhathi limiswa.
Ngokusho koKlebe, uphenyo lwangaphambi kwesikhathi luveza ukuthi uMantule usize ukuhlela uhambo lwala madoda.
Kuthiwa babebuthelwe ukusebenza njengamasosha ase-Russia.
Ubesevele walifulathela leli lizwe ngaphambilini kodwa waboshwa esebuyile.
OKlebe bashaqe izinto zikagesi kanye nama-backpacks amabili ababili ngesikhathi kuboshwa laba.
Bonke abasolwa abahlanu babhekene namacala ngaphansi kwe-Regulation of Foreign Military Assistance Act ka-1998.
Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale, uthe uphenyo lusekude ukuphela.
Uthe kungase kulandele abanye abantu e-Gauteng nakwezinye izindawo.
“Sisebenzisana nophiko lweCrime Intelligence kanye nezinhlaka zomthetho zamazwe ngamazwe,” kusho uMogale.
“Kunezinqubo okumele zilandelwe ngaphambi kokuthi umuntu ayokulwa impi okungesiyo eyezwe lakhe.”
Umshushisi woMbuso uPieter Erasmus uthe abasolwa bazogqunywa esitokisini kuze kube ukulalelwa kwesicelo sebheyili ngesonto elizayo. Icala lizobuyela enkantolo ngomhlaka-8 kuZibandlela ka-2025.
Ngasekuqaleni kwale nyanga, ihhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa lathi amadoda angu-17 aseNingizimu Afrika ayengelwe endaweni yempi empumalanga ye-Ukraine ngezithembiso ezingamanga zemisebenzi eholela kakhulu.
Bacela usizo kuhulumeni ukuze babuyele emakhaya.
Esithombeni esingenhla: Abasolwa abahlanu bavele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngamacala okuthatha abantu bakuleli beyolwela elinye izwe
Umthombo wevidiyo: UPalesa Matlala
