Linda Ximba
Umculi kamaskandi odumile uMthandeni Manqele, owaziwa “ngeleGcokama Elisha”, ubekwa izinsolo zokuhlasela uCharles Khuzwayo oyintatheli yezokuzijabulisa.
UMthandeni kuvela ngokusobala ukuthi ubethukutheliswe umbono obhalwe nguKhuzwayo okwenze ukuthi yena nabangani bakhe baye emzini kaKhuzwayo eSwayimane KwaZulu-Natali ngesonto eledlule beyomhlasela.
Intatheli ibike ukuthi lo mculi kamaskandi umoshe umcimbi womshado obusoLundi.
UMthandeni kuthiwa ufike emcimbini engamenywanga, wathatha umbhobho wokukhuluma kumphathi wohlelo wase wakhuluma nalaba abebehambele lomshado, waze wagcine ecike laba abashadayo.
Umthandeni kuthiwa uphume ngesamagundwane ngemuva kokuba abakade behambele lomshado bebedinwe beganwe unwabu.
Umthombo uthe “intatheli yephephandaba ithukuthelise uMthandeni ngoba ubone ngathi intatheli ibhale izinto ezingekho yamenza umuntu omubi”.
UKhuzwayo uqinisekisile ukuthi uhlaseliwe, kodwa watshela i-Scrolla.Africa ukuthi ayikhulume nommeli wakhe.
Ummeli wakhe uThalente Mhlongo uqinisekisile ukuthi bahambisele uMthandeni amaphepha amphoqa ukuthi kumele axolise esidlangalaleni.
“Sifuna ahlawule imali eyizi-200,000 zamarandi ngokumehlisa isithunzi ngesikhathi bemhlasela kugcwele umndeni nomakhelwane. Simunikeze amahora angama-48 ukuba enze lokhu esikucelile” kusho uMhlongo.
Ngesikhathi sithole uMthandeni ukuba aphawule uziphikile zonke izinsolo abekwa zona intatheli “angazi ukuthi nikhuluma ngani. Mhlawumbe umuntu ohlasele intatheli ufana nami”.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natali ukaputeni Nqobile Gwala uqinisekisile ukuba kuvulwe icala lokuhlasela livulelwa uMthandeni.
“Akukaboshwa muntu okwamanje” kusho uGwala.