Lubhalwe nguMichael Madyira
Imizamo yakuleli yokusingatha iNdebe yoMhlaba ka-2027 yabesifazane ye-Fifa ibhekene nenselelo enkulu ngemuva kokuthi iMelika ne-Mexico baqinisekise intshisekelo yokuhlanganisa lo mqhudelwano ngokubambisana.
Amazwe asenyakatho neMelika ahlose ukuhambisa isicelo sawo ngaphambi kwesikhathi esibekiwe sangomhlaka-19 kuNhlaba.
Amanye amazwe asebhalisile i-Brazil, kanye namazwe afisa ukuhlangana ndawonye okubalwa i-Belgium, i-Germany ne-Netherlands.
Amazwe ase-Nordic i-Denmark, i-Finland, i-Iceland, i-Norway ne-Sweden nawo azwakalise inhloso yokuhambisa isicelo esihlanganisiwe kanti i-Chile ne-Italy nabo banentshisekelo.
Kodwa ukuvela kweMelika ne-Mexico okungenza kube nzima ukuthi elakuleli livumelwe i-Fifa njengezwe elingakwazi ukuhlela lo mqhudelwano.
Iqembu lesizwe labesifazane laseMelika yilona eliphumelele kakhulu kulo mqhudelwano futhi lingaba nomthelela ohlelweni lokufakwa kwezicelo.
“IMelika ibilokhu ihola imidlalo yomhlaba yabesifazane, ngakho singajabula kakhulu ukusingathi iNdebe yoMhlaba yabesifazane ngokuhlanganyela ne-Mexico,” kusho uMengameli webhola laseMelika uCindy Parlow Cone ngoLwesithathu.
Kodwa uMengameli we-Safa uDanny Jordaan unethemba lokuthi amahhotela nezindawo zokuqeqesha zakuleli zizoba nomthelela omkhulu ekutholeni leli thuba.
Njengoba ukucishwa kukagesi kudlangile kuleli, kubukeka sengathi kuzobanzima ukuthi i-Safa inikeze elakuleli ukuthi ibambe omunye umqhudelwano webhola lomhlaba ngemuva kweNdebe Yomhlaba ka-2010.
Echaza ngokuthi bebenamajeneretha abekwe eceleni ngo-2010, uJordaan uthi angeke baphazanyiswe ukucishwa kukagesi ngesikhathi somqhudelwano.
Okungase kusebenze uma kuqhathaniswa iMelika ne-Mexico ukuthi i-Fifa ingase ikhethe ukungagxili emiqhudelwaneni emikhulu kuleyo ngxenye yomhlaba njengoba iMelika ne-Mexico zizosingatha Indebe Yomhlaba Yabesilisa ngo-2026 kanye ne-Canada.
Uma i-Safa ilungiselela ukuhambisa isicelo sayo sokugcina, kungase kube nokuxokozela emphakathini mayelana nokuthi uhulumeni uzokhipha imali ukuze kuqhutshekwe neNdebe yoMhlaba ngenxa yokuntengantenga kwezomnotho kuleli.
Kungase kufane nentukuthelo ebonakale ngemuva kwesiphakamiso sokuxhasa iqembu le-Premier League i-Tottenham Hotspur.
Isithombe esingenhla: Abadlali beBanyana Banyana
Umthombo wesithombe: IBanyana Banyana