Inqwaba yakuleli esavaleleke eSudan

Izakhamizi zakuleli ezingu-77 ezivaleleke e-Sudan ehlaselwe udlame zisasekude ukutakulwa.

Umphathi wophiko lwezokuxoxisana nomphakathi eMnyangweni wezobudlelwano bamazwe ngamazwe nokubambisana (Dirco) uClayson Monyela, uthe izinhlaka zezokuphepha “zithuthuke kakhulu” emizamweni yazo yokukhipha abantu bakuleli kanye namanxusa kodwa impi eqhubekayo e-Sudan yenze kwaba “ingozi ukubakhipha.”

UMonyela wengeze ngokuthi isikhumulo sezindiza sivaliwe futhi awukho umzila ophuma ezweni ongenabo ubungozi.

UMonyela uthe uDirco uxhumana nezakhamizi zakuleli ngo-WhatsApp kanti kule nkundla bakhuluma nabasebenzi bamanxusa abavaleleke e-Sudan.

“Izibuyekezo zizohlinzekwa,” esho.

Amanye amazwe anjenge-France, i-Italy, i-Turkey kanye neMelika asezikhiphile izakhamizi zawo e-Sudan.

Impi phakathi kwamasosha ka-Abdel Fattah al-Burhan kanye nomholi we-Rapid Support Forces (RSF) owayeyiphini lakhe uMohamed Hamdan Daglo ibulale abantu abangaphezu kuka-400 yashiya abaningi belimele.

Le mpi eqale ngomhlaka-15 kuMbasa ibangelwe ingxabano mayelana nokuhlanganiswa okuhleliwe kwe-RSF embuthweni ovamile njengoba umbandela obalulekile kungowesivumelwano okuhloswe ngaso ukubuyisela uhulumeni wentando yeningi e-Sudan ngemuva kokuketulwa komholi wangaphambilini u-Omar al-Bashir ngo-2019.

Laba balisa ababili abaqale bahlangana ukuze baketule uhulumeni wabantu owamiswa ngemuva kokuwa kukaBashir sebelwa bodwa.

Njengoba udlame lungakhombisi zimpawu zokudamba isiphetho sabantu bakuleli abavaleleke e-Sudan asikacaci.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Udlame e-Sudan 

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva