
Dylan Bettencourt
Lona ngumvuzo wokudlala kahle kukaSadio Mane kweye-Afcon, lapho aphinde waqokwa njengomdlali ovelele.
Lo mdlali wasesiswini we-Liverpool uthole ingqophamlando yokunqoba ieye-Afcon ngesikhathi i-Senegal ifike kumaphenalthi ibhekene ne-Egypt ngomhlaka-5 kuNhlolanja.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ushaye amagoli amathathu futhi wasiza ekushayeni amanye amabili ukuze aklonyeliswe ngomdlali ovelele kakhulu kumqhudelwano.
Lezi zindaba ziqinisekiswe iMeya yase-Sedhiou u-Adboylaye Dip.
“Ngithatha leli thuba, ngiphakamisa igama likaSadio Mané njengegama lenkundla i-Stade de Sédhiou, ukwazisa wonke amadodakazi namadodana esifunda, ngomuntu ophakamisa isizwe nowazisa isintu sase-Bambali kanye nenkaba yedolobha yesifunda ibizwe nge-Sédhiou,” kusho uDiop etshela abezindaba zendawo.
“USadio Mané ulufanele ngempela lolu dumo.”
Lo mklomelo uza ngemuva kokuthi bonke abadlali nabasebenzi base-Senegal beklonyeliswe ngo-R1.3 million umuntu ngamunye, kanye neziza zomhlaba ezweni lonke.
Ukuqanjwa kabusha kwenkundla yendawo ngokuhlonishwa kukaMane kumfanele, hhayi nje ngezenzo zakhe enkundleni, kodwa nokuziphatha kwakhe ngaphandle.
Phakathi nomqhudelwano owawuse-Cameroon, uMane wathembisa ukukhokhela ukwelashwa nokusindisa ukuphila kwengane, eyayishayiswe isithuthuthu.
Owine i-Premier League ufake isandla kulabo abadinga usizo endaweni yangakubo ngezikhathi eziningi, ikakhulukazi ekuqaleni kwe-Covid-19, njengoba wakhipha imali yokwakha izibhedlela, izikole kanye nama-mosque. Lokhu kanye nokuhlinzeka ngemali eyengeziwe ukusiza ukubhekana naleli gciwane.
Ukuduma kukaMane ngebhola kufana nefilimu. Lo mdlali wase-Senegal ubonakale engomunye wabadlali bebhola abahamba phambili emhlabeni, ewina izindebe eziningi azithola phakathi nomsebenzi wakhe.
Umthombo wesithombe: @PremiumTimesNigeria