Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Confederation of African Football (CAF) yethule uphenyo ngenkulumo kaZwelivelile Mandela ongumzukulu kaNelson Mandela emcimbini wokuvula emqhudelwaneni we-African Nations Championship (CHAN) e-Algeria.
“Ikoloni lokugcina lase-Afrika i-Western Sahara. Asilweni nokukhulula i-Western Sahara ekucindezelweni,” kusho uMandela enkulumweni yakhe. Manje le nkulumo isidale umsindo omkhulu kwezepolitiki.
I-Western Sahara kube isihloko sombango wendawo osuthathe isikhathi eside phakathi kwabantu bayo bomdabu base-Saharawi kanye ne-Morocco. Abase-Saharawi bona basekelwa i-Algeria.
Lokhu kwaholela ekutheni la mazwe amabili anqamule ubudlelwano bobunxusa ngo-2021. Njengoba lo mqhudelwano ubuse-Algeria, inkulumo kaMandela ibe nemiphumela yezepolitiki.
Inhlangano kanobhutshuzwayo yase-Morocco ithumelele i-CAF incwadi yokukhalaza yathi isitatimende nge-Western Sahara asihlangene nalo mqhudelwano noma nebhola jikelele; nokuthi empeleni besiqondiswe kwi-Morocco njengezwe.
NgoLwesibili iqeqebana labalandeli base-Morocco libhikishele inkulumo kaMandela emdlalweni weligi ezweni labo. Baphakamise izinqwembe ezifundeka kanje: “Mandela omncane, ikoloni lokugcina e-Afrika i-Orania.”
I-Orania iyindawo yamaBhunu ehlukanisa abantu eyasungulwa ngabalwela amalungelo abantu ngo-1991.
Iphendula ngezehlakalo ezenzekile, i-CAF yethule uphenyo lwayo yazibiza “ngenhlangano engathathi hlangothi kwezepolitiki.”
“Lezi zitatimende zezepolitiki azizona izitatimende ze-CAF futhi aziyivezi imibono ye-CAF njengenhlangano engathathi hlangothi kwezepolitiki,” kusho isitatimende senhlangano eyengamele ibhola kulelizwekazi.
Esithombeni esingenhla: UZwelivelile Mandela
Umthombo wesithombe: @palmstrategic1