Menzi Magubane
Ngemuva kokuthi umqeqeshi weBafana BafanAfrika uHugo Broos ethe ibhola lakuleli “alikho ezingeni elifanele”, abalandeli bebhola ezweni lonke bazimisele ngokumeseka.
Lo mqeqeshi odabuka e-Belgium ubonakale eshaya into ecokeme ngoLwesibili esithangamini nabezindaba ngesikhathi ethi izinga lebhola lakuleli alikho ezingeni elifanele kanti lokho kwenza ukuthi iBafana ingaphumeleli.
Usole abadlali bakuleli ngokungabibikho efomini efanele nokwenza ukuthi bengakwazi ukuheha amaqembu ase-Europe.
Lo mqeqeshi (70) uke wagxekwa phambilini, kodwa kulokhu abalandeli bebhola bakuleli abaphatheke kabi ngesimo sezemidlalo kuleli bamshayele ihlombe.
Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uZipho Dlangalala, uthe sekuyisikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ibhekane neqiniso.
“Okushiwo uHugo Broos akukusha, umqeqeshi uBenni McCarthy wake wakusho. Kumele sibe neqiniso. Kwesinye isikhathi kumele sibe neqiniso ezintweni ezithile ukuze sithole izixazululo.
“Noma kubuhlungu, akukho okubi okushiwo umqeqeshi uHugo Broos, inkinga ukuthi kushiwo ngubani,” kusho uDlangalala.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha iqembu elincane leMamelodi Sundowns naye usole ozakwabo ngokungabambisani ekutheni bathole izixazululo ezinkingeni zebhola lakuleli.
“Enye yezinselelo ezinkulu ebholeni lethu ukuthi abaqeqeshi bakuleli ababumbene, abakaze bakhulume ngezinselelo zebhola lakuleli bese belekelelana ekutholeni izixazululo. Lokhu okushiwo uBroos akukusha futhi kuyiqiniso, ukuthi naye akanazo izixazululo.
“Akekho umqeqeshi ongaxazulula izinselelo zebhola lakuleli.”
Esithangamini nabezindaba bekulindeleke ukuthi uBroos achaze ukuthi kwenzakaleni ngoLwesine olwedlule ngesikhathi iBafana Bafana ihlulwa i-Morocco emdlalweni wokuvula ka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations yango-2023.
Kodwa ukuyekile lokho wavele wagxila kwizinga eliphansi lebhola lakuleli.
Lo mqeqeshi wase-Belgium uzobhekana neqembu elikuleli qoqo, i-Liberia ngoMandulo. Bobabili iBafana ne-Liberia bahlulwe emidlalweni yabo yokuvula bebhekene ne-Morocco.
Njengoba lo mdlalo uzodlalela ekhaya, abalandeli bazobe belindele ukuthi iBafana iwine lo mdlalo ukuze ivuselele ithemba layo lokuhlungela umqhudelwano ozoba e-Ivory Coast ngonyaka ozayo.