Inkulu impi phakathi kwaMaZulu ne-Kaizer Chiefs kubangwa umdlali

Razeen Gutta

AmaZulu avule icala ngokudluliselwa komdlali wawo uSiyethemba Sithebe kwi-Kaizer Chiefs njengoba ekholwa ukuthi lo mdlali kuxhunywane naye ngokungemthetho.

USithebe ubezojoyina i-Glamour Boys ngoMasingana kodwa wagcina esayine i-pre-contract Agreement neqembu ngemuva kokuthi AmaZulu enqabile ukumdedela ingakapheli isizini.

Labo mpetha base-Soweto bagwetshwa unyaka owodwa yi-FIFA ngemuva kokutholakala benecala ngesikhathi kushintshwa uHasina Andrianarimanana. Uma Usuthu lungathola ubufakazi bokuziphatha okungafanele kulesi sivumelwano, Amakhosi angase azifake enkingeni futhi.

Ngokombiko wephephandaba i-Citizen, Usuthu lithi sekwanele.

Samsung Galaxy 14G

“AmaZulu awahambiselani nalento. Bafuna ubulungiswa futhi sebekhathele ukuxhashazwa abasafuni ukumelana nakho.

Babona sengathi sekwanele kudlalwe ngabo kakhulu,” kusho umbiko.

UMengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ngenyanga edlule uthe i-Chiefs ikhulume nalo mdlali ngaphambi kokuthi bavumelane ngokumdlulisa.

“I-Kaizer Chiefs ayizange ithembeke esivumelwaneni ngoba ivumelene ngemibandela ngesikhathi kuvalwe ukudayiswa kwabadlali ngoMasingana. Sithe siseholidini base bekhulume baqeda naye. Ngimtshelile uBobby Motaung ukuthi angijabule neze ngalokhu,” kusho uZungu etshela i-SunSport.

UZungu uqhube wathi lo mdlali ngeke abonakale kuze kuphele isizini ukukhombisa intukuthelo yakhe.

“USithebe uzoya kwi-Kaizer Chiefs uma sebeqede konke naye. Noma okungenani ekupheleni kwesizini. Uma sebefuna ukumthatha manje siyabazisa ukuthi iyonanto esiyifunayo. Futhi sisagodla amalungelo ethu okuthatha izinyathelo zomthetho eNkantolo ePhakeme,” kusho uZungu.

“Angeke aphinde aligqoke ijezi loSuthu ngesiwombe sesibili sesizini. Asijabule neze ngendlela ashiya ngayo iqembu.”

Ngaphandle kokuthi Usuthu lithi lo mdlali ngeke aphinde aligqoke ijezi, imibiko ye-KickOff ithi naye uselahlekelwe imali cishe engu-R500 000 emholweni.

Inkontileka yakhe kuMaZulu iphela ngoNhlangulana kulonyaka. 

Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma

Scrolla World Cup Quiz