Lubhalwe nguZukile Majova
UMengameli Cyril Ramaphosa uthole ihlandla lesibili emva kokuguqisa imbangi yakhe uDkt Zweli Mkhize engqungqutheleni yeqembu eqhubeka eNasrec eGoli.
Nakuba uRamaphosa eye engqungqutheleni kazwelonke ka-55, nokusekelwa ukungu-70% emagatsheni ale nhlangano angu-3,900 umphumela wokugcina ubonise umncintiswano omkhulu nembangi yakhe.
UMkhize uthole amavoti angu-1,897 kwathi uRamaphosa wathola angu-2,487. Ukwehlulwa kukaMkhize kusho ukuthi iKwaZulu-Natal okuyisifundazwe esikhulu kunazo zonke ngeke sibe nomholi ozosimela kwisigungu esiphezulu sabaholi abayisikhombisa njengoba noMdumiseni Ntuli waseKZN obegaqele esikaNobhala-jikelele naye ekhale ngaphansi kwimbangi yakhe ebingabhekiwe uMnu Fikile Mbalula. Sekungokwesibili iKZN ibuya ilambatha engqungqutheleni kazwelonke ngenxa yokuthumela impi yesongo.
OwayenguNdunankulu wase-Gauteng uPaul Mashatile ubuyele e-Luthuli House njengePhini likaMengameli ngemuva kokuthi abaseka uRamaphosa uRonald Lamola no-Oscar Mabuyene behlukane phakathi, okunikeze uMashatile intuba yokudla umhlanganiso.
UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi ohola ithimba laseGauteng eliseka uRamaphosa uthe isifundazwe sabo besimile ekutheni sifuna uMashatile kwesePhini likamengameli.
Umholi walabo abazibiza nge-Alex Mafia, uMashatile obenguMgcinimafa-jikelele, nebamba likaNobhala-Jikelele ngaphambi kokuba zikhwele. Usebenze njengesekela likaNobhala obambile ngemuva kokushona kukaJessie Duarte.
Uhlala esandleni sokuphosa sikaRamaphosa nkGwede Mantashe oshaye ibuya kwesikaSihlalo kazwelonke.
UMantashe uthathwa njengo munye wabantu abangamfela uRamaphosa.
UMbalula uzoqhoqhobala esikaNobhala-jikelele, ungomunye wabasentendeni kaRamaphosa.
Nansi imiphumela yokugcina yabaphezulu abayisikhombisa be-ANC:
1. UMengameli: uCyril Ramaphosa
2. IPhini likamengameli: uPaul Mashatile
3. USihlalo: uGwede Mantashe
4. UNobhala jikelele: uFikile Mbalula
5. IPhini likanobhala wokuqala: uNomvula Mokonyane
6. IPhini likanobhala wesibili: uMaropene Ramokgopa
7. UMgcinimafa jikelele: uGwen Ramokgopa
Isithombe esingenhla: ngesikaMengameli Ramaphosa ehalaliselwa ngemuva kokunqoba
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo