INkosi yamaZulu akuphoqekile ukuthi igcagce – kanti nomlando uyakufakazela lokho

Celani Sikhakhane

Umbono wokuthi iNkosi yamaZulu kufanele igcagce ngaphambi kokuhlala esihlalweni sobukhosi kwakuyisinqumo esathathwa nguhulumeni wobandlululo.

“Futhi uma uhulumeni we-ANC elandela leso sinqumo, uzobe elandela umkhuba omubi,” kusho uNdunankulu wendabuko wesizwe samaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

“INkosi uShaka yayingashadile. INkosi uDingane yayingashadile, kodwa yayikhipha imiyalo futhi imemezela izimpi. INkosi uDinizulu nayo yangena esihlalweni sobukhosi ingakagcagci,” kusho yena.

Ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko e-Durban Manor Hotel, uButhelezi ucacise ngodaba lwenkosana uSimakade. Ukuqagela sekukuningi kakhulu ngekusasa lendodana endala yeSilo esingasekho iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

“Ngicelwe nguMntwana uSimakade ukuba ngazise isizwe ukuthi akanazo izinhloso zokuba yiNkosi yesizwe samaZulu. Ufuna lolu daba lubekwe phansi,” kusho uButhelezi.

Amanye amalungu omndeni waseNdlunkulu okubalwa phakathi inkosana uThokozani Msweli, bebefuna ukuthi uMntwana uSimakade angene esikhundleni seSilo uZwelithini kaBhekuzulu.

Uphinde wathi kusezandleni zeNkosi ebusayo uMisuzulu kaZwelithini ukunquma ngekusasa lakhe.

UButhelezi usebe nguNdunankulu wendabuko weSizwe samaZulu iminyaka engamashumi ayisikhombisa, noma eseneminyaka engama-93 ubudala akakazimiseli ukushiya izintambo.

Umsebenzi kaButhelezi waqala ngowe-1948 kulandela ukuqokwa kukamkhulu weSilo uMisuzulu kaZwelithini, iNkosi uCyprian Bhekuzulu Nyangayezizwe kaSolomon.

“Indlovukazi ebiyibambela leNkosi uShiyiwe Mantfombi MaDlamini Zulu wakubeka kwacaca ukuthi kufanele ngiqhubeke ngisebenze njengoNdunankulu wendabuko kwiSilo kanye nasesizweni samaZulu,” kusho uButhelezi.

Uveze ukuthi uhulumeni wobandlululo wayefuna ukumvimba ekutheni athathe isikhundla sokuba yiNkosi yesizwe sakwaButhelezi ngoba wayeyilungu le-ANC.

Izihloko zakamuva