Inkosi yakwaZuma yenqabe ukuya ku-MK ngoba ithi izomlwela uZuma “ingaphakathi kwaGogo”

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Inkosi yakwaZuma eMpendle ehlale iwa ivuka nowayenguMengameli uJacob Zuma ayiyizwa eyokujoyina uMkhonto weSizwe Party njengoba ithi yona iyofela kwaKhongolose “kwaGogo”.

INkosi uSimphiwe Zuma ikusho lokhu ngesikhathi incokola ne-Scrolla.Africa emkhosini weLembe obukwaDukuza ngoLwesibili.

Itemu lokubiza i-ANC ngokuthi ikwaGogo liqhamuke namalungu oMkhonto weSizwe Party ngemuva kokulaxaza le nhlangano elandela uZuma.

“Cha mina angiyi kuuMkhonto. Ngisengapha kwaKhongolose futhi angiyindawo kodwa ubaba ngizoqhubeka ngimeseke ngikhona ngapha kwaGogo,” kusho iNkosi uZuma.

Ithe ipolitiki ayisoze ibahlukanise ngoba bawumndeni obumbene.

Ukuthembana kweNkosi uZuma nowayengumengameli kuphinde kwagqama ngesikhathi soMkhosi woMhlanga wase-Swatini obuse-Ludzidzini nokuyilapho iNgonyama uMswati iii ikhethe ngokusemthethweni indodakazi encane kaMengameli okunguNksz Nomcebo Zuma.

UZuma kuthiwa akazange alubhade kodwa wavele washaya ujenga lwezimoto zakhe wayohlala neNkosi uSimphiwe Zuma eMpendle.

Ngaphandle kwalokho iNkosi uZuma selokhu yaqala ukugqama ngo-2006 ngesikhathi yayeseka uZuma exoshwe owayenguMengameli uThabo Mbeki esikhundleni sokuba iphini likamengameli wezwe.

Ngo-2018 yalwa nobuholi be-ANC ibusola ngokusetshenziswa kwamazwe aseNtshonalanga ekuphoqeni uZuma ukuba esule esikhundleni. 

Nangesikhathi eboshwa ngo-2021 yayiphambili iphikisana nalokhu.

Izihloko zakamuva